Ibhodlele kwiMaritzburg iPirates eyaphoxwa yiSundowns

UVincent Pule

OKADONGA GUMBI

Ibuyise isithunzi sayo i-Orlando Pirates ishaya iMaritzburg United ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership e-Orlando Stadium ngeSonto ebusuku.

IPirates iye kulo mdlalo isenamahlonyana ngemuva kokubukiswa nezwe yiMamelodi Sundowns eyibhaxabule ngo 4-1 emdlalweni weNedbank Cup ngoLwesine ntambama.

Nokho iMaritzburg izozisola yona ngokubhacaza ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala la beyikhanda khona amathuba amahle.

Buka nje ngoba uBongokuhle Hlongwane ubethi uyaqeda ngoWayne Sandilands ngomzuzu weshumi, ededela udalimede weshodi kodwa unozinti waliphebeza ibhola lakhe.

Ngomzuzu ka-13, kusebenze uNtsikelelo Nyauza evimba uThabiso Kutumela obesephakathi ebhokisini leBucs wamvimba esathi uyakhahlela.

Kuthe kuphela imizuzu engu-15, iMaritzburg beyisifike kathathu izama inhlanhla emapalini kaSandilands, kanti iBucs beyingakazami litho kwelikaMarcel Engelhardt.

IMaritzburg iphoqeleke ukwenza izinguquko kusaphele imizuzu engu-20 umdlalo uqalile kulandela ukuthi u-Ali Meza elimalile.
Indawo yakhe ithathwe nguSibusiso Hlubi.

Kucacile nokho ukuthi izinhlelo zika-Ernst Middendorp ziphazamisekile njengoba ebelokhu enqekuzisa ikhanda ekhombisa ukungakukholwa olwenzekayo. UMeza ubewuqale kahle umdlalo, eyithwalisa kanzima iPirates ngakwesokunxele.

U-Engelhardt ukhobise ubuhlakani bakhe evimba ibhola likaDeon Hotto ngomzuzu ka-38, kade iPirates ihlasela ngokuzumisa okusheshayo.

UHotto ubuye nelinye ithuba ngomzuzu ka-45, sekubalwa amanenjana kuyiwe ekhefini, kodwa walishaya laphuma phezu kwamapali ibhola lakhe.

Esikhathini esengezwe ngunompempe, uNyauza ube nenhlanhla yokuxayiswa ngekhadi eliphuzi ngemuva kokudlalisa kabi uHlongwane emkabha eqhamukq ngemuva kade esemshiya.

UTshegofatso Mabasa bekumele enze kangcono ngomzuzu ka-50, ethola elihle ibhola aligotshelwe nguHotto, kodwa watatazela qede walibhamuza laze layolandwa wateshini seRea Vaya esingahandle kwale nkundla.

IPirates ijike izinto ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili, yafaka uVincent Pule kanti akumthathanga isikhathi eside ukuthi enze umehluko.

Nguye oshaye igoli loluqala lalo mdlalo ngomzuzu ka-59, enamathisela enethini ibhola aligotshelwe nguFortune Makaringe.

UHlongwane uyeke imbuzi yethuba ngomzuzu ka-71, ezithola engamakiwe engaphansi kwepali lePirates, kodwa wavele alibhamuza ibhola layozingela izinyoni esibhakabhakeni.

Kuthe la iBlue Hearts seyizama ukubuya, unozinti u-Engelhardt wenza elikhulu iphutha eficwa yibhola engaphandle kwebhokisi lakhe, wathi uyalingqofa lamhlula, lavele laya kuPule walibeka enethini.

Esikhathini esengezwe ngunompempe, uMabasa uyeke imbuzi yethuba ebhamuza ibhola phezu kwamapali ekubeni bekunomdlali obesendaweni engcono obekumele aliphake kuye.

IPirates isinyukele endaweni yesine la ilingana khona neGolden Arrows ngamaphuzu angu-38, kanti bobabili basele ngayisishiyagalombili kwiSundowns ezihola phambili.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *