Ibhola belimnandi, kodwa onompempe bafaka unyawo lwedada

Ibhola belimnandi impela ngempelasonto, loniwe wonompempe nje
IGolden Arrows
UMBONO
UBHALWE: Thulisile Miya
ISITHOMBE: Twitter

Libuye ngegiya eliphezulu ibhola ngempelasonto angazi noma kwenziwa ukuthi bese ngilikhumbule, kodwa onompmepe! Beyimnandi yonke imidlalo yeMTN8. 

Ngiyibuke yonke le midlalo kusukela emdlalweni wokuqala ngoMgqibelo ePrincess Magogo Stadium lapho bekubhekene khona Abafana Be’sthende neSupersport United. 

Lo mdlalo bewuthulwa yimi emoyeni. Umdlalo wagcina uphela ngokulingana ngamagoli amabili kwaze kwashawa amaphenathi. Banqoba ke Abafana Be’sthende badlulela emzuliswaneni olandelayo.

Kukho konke okwagigqamela kulo mdlalo, cha leli qembu lineso elibukhali uma kukhulunywa ngokuthengwa kwabadlali ngoba kukhona umfana owangidlalela ibhola elihle kakhulu.

Okwangichaza kakhulu wukuthi wayefika nje eqenjini uSibonelo Cele, uyalazi ibhola loya mfana futhi senggilindele lukhulu kuye.

Nakuba besijabule ukuthi libuyile ibhola futhi beyimnandi yonke imidlalo, kodwa onompempe basaqhubeka lapho begcine khona ngesizini edlule nokushaya udaka.

Cha, angeneme neze ngezinqumo ebezithathwa ngonompempe kweminye yale midlalo. Angikholwa ukuthi kwakuyiphenathi le eyajajwa unompempe owayedlalisa iSwallows nePirates. 

Phela sonke sabona ukuthi unozinti weSwallows uVirgil Vries wafika kuqala ebholeni kunoDeon Hotto kodwa unompempe wavele wayikhomba emlotheni.

Ayixoxeki ke ekaVictor Gomes nabasizi bakhe abakwenze emdlalweni phakathi kweKaizer Chiefs neMamelodi Sundonws ngeSonto. 

Indlela engimethemba ngayo lonondweba kodwa cha ulushayile udaka. Uqale ngokuncisha iSundowns iphenathi ecace bha ngesikhathi uCole Alexander ebamba ibhola ngesandla ebhokisini, wavele wathalalisa uGomes.

Akugcinanga lapho uGomes nabasizi bakhe ngoba ngesikhathi sekukhahlelwa amaphenathi bahlulekile ukubona ukuthi uKhune ulivimbe seliphakathi ibhola likaLyle Lakay, baliphika. 

Akugcinanga lapho ngoba bahlulekile ukubona ukuthi uKennedy Mweene ubesuka kuqala ngesikhathi evimba amaphenathi amane eChiefs. 

FUNDA NALA: Ucishe wakhala uMabunda evalelisa kwiSundowns

Cha kuzomele banyuse amasokisi onompempe bethu njengoba seliqalile nje ibhola, ngale kwalokho sizazoqhubeka nokukhala njalo ngemuva kwemidlalo. Izinqumo zabo zibulala ubumnandi bemidlalo.

Phela nangesizini edlule bebengagculisi onompempe indlela abebephethe ngayo imidlalo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *