Ibhola limnandi ngamagoli, asethembe umpompi wawo usuvuliwe kwiPSL

Ibhola limnandi ngamagoli, asethembe umpompi wawo usuvuliwe kwiPSL
UTshegofatso Mabasa
UMBONO
UBHALWE: Thulisile Miya
ISITHOMBE: Twitter

Kukho konke okwenzeke emidlalweni ngale mpelasonto, ayikho into engijabulise njengokubona amaqembu ethu eqhulula amagoli – phela ibhola limnandi ngamagoli.

Emidlalweni eyisithupha edlaliwe ngempelasonto sibone amagoli aangu-18  futhi awukho umdlalo esingalibonanga igoli kuwo.

Kwemihlanu yale midlalo sibone amagoli amathathu kuya phezulu. Akujwayelekile phela lokhu ebholeni lethu yingakho sikhuluma ngakho kule ngosi namhlanje.

Ayikho into ejabhisa njengobuka umdlalo wonke othwelwe ngeqoma kodwa ugcina uphela ungenalo nelilodwa igoli.

Impelasonto ivulwe Ezimnyama zibhabhadisa iChippa United ngamagoli amane kwelilodwa. Emdlalweni womkhaya eKapa sibone amagoli amathathu iStellenbosch ishaya iCape Town City.

Sithe sisamangzwe yilokho iqembu elingomakoti iRoyal AM yathela ngehlazo iqembu elikhulu iKaizer Chiefs ngamagoli amane kwelilodwa.

Umphumela walo mdlalo umangaze abaningi ngoba abantu bebezitshela ukuthi iChiefs izozidlela amahlanga, kanti ababuzanga elangeni.

NeSwallows bayibhubise ngesibhaxu sika 3-0 osekwenze bamisa umqeqeshi wayo uBrandon Truter. Bese kungumdlalo wesibili kulandelana leli qembu lishawa ngamagoli amathathu ngoba ngesonto eledlule iPirates yenze okufanayo.

Ompetha beDStv Premiership nabo abasalanga ngaphandle endalini yamagoli beshaya iTS Galaxy ngo 3-0.

Ngicabanga ukuthi abalandeli bazokulangazelela kakhulu ukubuyela ezinkundleni uma amaqembu ezoqhubeka nokuqhulula amagoli ngale ndlela.

Phela akekho umuntu ofuna ukukhipha imali yakhe ethenga ithikithi lokuyobuka umdlalo kodwa amagoli angawaboni.

FUNDA NALA: Bezingancengani kowomkhaya baseThekwini i-Arrows ibambana noSuthu

Inhlokomo yabalandeli uma umdlali eshaya igoli enkundleni ngeke uyifanise nalutho futhi lowo muzwa yiwona owenza umlandeli angayikhaleli imali yakhe athenge ngayo ithikithi.

Neqembu lesizwe lizokwenza kangcono uma abagadli bekwazi ukushaya amagoli emaqenjini abo.

Phela amagoli amaningi kule mpelasonto abeshawa abagadli, lokho kuqinisa idolo umqeqeshi welesizwe ngoba uyazi ukuthi noma engakhetha muphi umgadli uzokwazi ukusitholela amagoli.

Sizowadinga abe maningi njengoba sizobhekana ne-Ethopia emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba. Ngaphezu kwalokho, amagoli enza ibhola libe mnandi.

UThulisile Miya ungumsakazi owethula imidlalo bukhoma kuKhozi FM. AKubhala lapha ngumbono wakhe ongahlangene nabaqashi bakhe,
EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.