Ibhola linje, kusho uMokwena ngemuva kokudlala ngamathuba kweDowns

Ibhola linje, kusho uMokwena ngemuva kokudlala ngamathuba kweDowns
UBradley Ralani
OkaDonga Gumbi

Ngemuva kokuhluleka wukuphuma namaphuzu aphelele ngemuva kokudlala kahle kweMamelodi Sundowns kwiCaf Champions League, uRulani Mokwena uwamukelile umphumela.

ISundowns idlale kahle futhi beyizenzela kwi-EL Merreikh esiwombeni sokuqala emdlalweni wesigaba samaqoqo ngoMgqibelo emini.

Empeleni nje bekumele kuyiwe ekhefini iSundowns seyishaye noma amagoli amane ngokwamathuba ewatholile kulesi siwombe.  

Nokho ke iphuzu leli ephume nalo kulo mdlalo obuse-Al Salam Stadium eCairo, e-Egypt lingcono kunokulambatha kwazise beyisekuhambeni.    

“… Kodwa ke ibhola linjalo futhi akusizini ngalutho ukukhalela ubisi oseluchithekile,” usho kanje uMokwena ngemuva kwalo mdlalo.

“Kube yishwa nje nokulimala kuka(Erwin) Saavedra ngoba kusiphoqe ukuthi sijike indlela ebesizihlele ngayo uma sihlasela.

FUNDA NALA: UMaMkhize angase ayigaxelise odakeni olunzima iPSL uma ewina icala

“Lokho kwenze yajika nendlela ebesibacindezela ngayo uma besusa ibhola emuva kodwa kulungileke… (UThabiso) UKutumela ungenile wazama naye okusemandleni akhe ukusiza iqembu.

“Asidlalanga kahle esiwombeni sesibiline. Kodwa indlela esidlale ngayo esiwombeni sokuqala yinto esingakhela phezu kwayo,” kuchaza lo mqeqeshi. 

USaavedra ulimale ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala kulandela ukushayisana nomdlali we-El Merreikh uMohammed Mustafa.

ISundowns isazohlala e-Egypt njengoba inomunye umdlalo kulo leliya lizwe ngoLwesihlanu la izobhekana khona ne-Al Ahly ephekwa nguPitso Mosimane obe nempumelelo emangalisayo kuMasandawana.

Lo mdlalo ungomunye webhekwe kakhulu kulo mqhudelwano njengoba kunokungazwani okukhona phakathi kwalamaqembu okuqale ngemuva kokushiya kukaMosimane kwiSundowns aye kwi-Al Ahly.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.