Ibhola liyohlale liyimpilo yami, kusho owayedlalela iChiefs

Sihle Ndlovu

UReneilwe “Yeye” Letsholonyane, owake wadlalela iKaizer Chiefs neSuperSport United, uthi  ibhola yimpilo yakhe futhi uyohlale ezimbandakanya nalo inqobo uma esaphila.

ULetsholonyane ungomunye walabo badlali abadala abakhethe ukwenza izifundo zokuqeqesha ukuze banganyamalali ebholeni.

“Ngokuqhubeka nokwenza izifundo zokuqeqesha ngizama ukuba umqeqeshi ongcono. Ngifuna ukuthola ulwazi olungcono lokuthi ngiqeqeshe abadlali bamanje ukuze babe ngabadlali abaphezulu,” kusho uLetsholonyane.

“Ibhola liyimpilo yami futhi angingenanga kulona ngephutha. Angikaze ngizitshele ukuthi uma ngigaxa amakhokho emgibeni ngiyokwenza enye into ngikhohlwe yibhola.”

Kuyaziwa ukuthi akubona bonke abadlali abathatha isinqumo sokuqhubeka nebhola ngemuva kokuyeka ukulidlala. Nokho uYeye uzwakala engafuni ukuziqhelelanisa nalo mdlalo.

“Bengivele ngifuna ukuqeqesha ngemuva kokuyeka ibhola ukuze ngisebenzise ulwazi engilutholile kule minyaka engu-15 ngilidlala,” kusho uLetsholonyane.

“Ngifisa ukuzama ukuthuthutkisa ibhola ezweni lami nasezwenikazi i-Afrika. Okumele sikuvume, noma sithanda singathandi, ukuthi izinga lilokhu lehla.

“Kulabo abake badlala ibhola base babeka amakhokho emgibeni ngithi leli yithuba lethu. Akumele sivumele abantu abangalidlalanga ibhola ukuthi bavele bangene nje kalula balisebenzise.

“Amava esiwatholile sidlala ibhola azobasiza kakhulu abadlali abasebancane. Ngeke sisizwe kuphela ukuthi sake sadlala kodwa kumele siqhubeke nokufunda.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.