‘Ibhoza yaseMboka’ isifuna ukuswenka ngenkanyezi kweleChiefs

Ibhoza yaseMboka isifuna ukuswenka ngenkanyezi kweleChiefs
UWIllard Katsande
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IKaizer Chiefs yamenza ibhoza yaseMboka futhi manje uWillard Katsande usefuna ukuhloba ngejezi laleli qembu elinenkanyezi ngaphezu kwebheji. Lo mdlali wasesiswini oluqinisayo unyawo uma emaka wakhulela eMutoko, empumalanga yeZimbabwe.

Usedlale ngokuzimisela nangokuzinikela kwiChiefs iminyaka engaphezu kweshumi. Usewine zonke izicoco ezikhona kuleli. Kodwa namanje uthi ukufika kweChiefs kowamanqamu kwiCAF Champions League yiyona yinto enkulu aseke wayibona yenzeka kuleli qembu.

“Akubuzwa ukuthi sikujabulele kakhulu ukuba kowamanqamu. Siyazi ukuthi ukuba kowamqnamu kuchazani… kithi, emindenini yethu, eqenjini kubalandeli nase-Afrika yonkana,” kusho uKatsande.

“Ngakho, sijabule nje. Ngokuzikhandla sifikile kowamanqamu. Akubanga yiphutha, kusifanele ukuba la sikhona – sikusebenzele. Yinto ebalulekile kimi le. Ngisemncane ngangiphupha ngemidlalo efana nalona.

“Kumfanyana odabuka eMutoko eZim, ukuba kowamanqamu kwiCAF Champions League neKaizer Chiefs engelinye lamaqembu amakhulukazi e-Afrika yinto enkulu kabi. Sengifuna ukuhlobisa lo mlando wami ngokuthola le nkanyezi ekade siyizingela,” kusho lo mdlali ohlale egconwa ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yendlela agqoka ngayo.

UKatsande uvamise ukufaka izithombe zakhe edle akubiza ngomswenko bese eziphelezela ngombhalo othi ‘Ibhoza yaseMboka’. Umboka yigama lesiLingala elichaza indawo yasemakhaya noma isigodi.

“Uma sengithathe umhlalaphansi, ngifuna ukuthi ngikwazi ukuxoxa ngokuthi ngahlomula izinto ezinkulu ebholeni, futhi konke ngakuzuza neChiefs. Sengibe lapha kuleli qembu iminyaka engaphezu kweshumi futhi manje sengifuna ukuhlobisa lo mlando wami eqenjini ngenkanyezi,” kusho yena.

Inkanyezi akhuluma ngayo yile efakwa kwibheji yeqembu eliwine indebe yeChampions League. Kuleli yi-Orlando Pirates neMamelodi SUndowns kuphela amaqembu anale nkanyezi. Ukungabi nayo yinto ehlezi ibathunuka abalandeli beChiefs uma kukhulunywa ngayo.

FUNDA NALA: IPirates ayiqedile ukukhendla i-Arrows njengoba seyifuna abadlali bayo manje

Phambilini iChiefs ibisolwa ngokuthi ayizimiseli uma idlala kulo mqhudelwano wamaqembu asemazeni ehlukene ase-Afrika. Kodwa uKatsande uthi bebefunda ngesikhathi besheshe bekhishwa kulo mqhudelwano phambilini.

“Siyakwazi thina ukuthi iqembu kudala lifisa ukwenza kahle kulo mqhudelwano. Ngeke ngithi besihluleka phambilini, kodwa ngizothi sasisafunda. Kulokhu bekuyisikhathi sethu sokuthi siqhubeke kulo mqhudelwano. Lokho sikwenze ngokuthi sibheke indlela yethu sikhohlwe okuningi.

Besazi ukuthi kuzoba nzima. SIbe nezini enzima kanti la kwiChampions League sibhekene namaqembu ahamba phambili ezwenikazi. Wonke amaqembu lapha ahlezi azilungiselele ngokugcwele. Thina besilokhu sizitshela ukuthi singenza kangcono futhi buka nje manje sekusibekephi lokho.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.