Ibishelelela iChiefs ekhombise ubuqhawe ijikela i-Arrows

USeth Parusnath, Lebogang Manyama noThabani Zuke
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Bewubonakala umehluko uma ubheka indlela ebidlala ngayo iKaizer Chiefs, futhi beyisifana nemoto efakwe injini entsha ibuya seyilandela ngemuva kuze kube kabili. Amakhosi alivule ngeGolden Arrows ikhasi elisha kulandela ukuxoshwa kukaGavin Hunt.

Bekungumdlalo wayo ka-29 kwiDStv Premiership futhi ibidinga ukuwuwina ukuze iqhele ezembeni. Ikwenzile lokhu ishaya i-Arrows ngo 3-2 eFNB Stadium ngoLwesithathu kusihlwa.

USamir Nurkovic uthole ithuba elihle ngomzuzu k-13, kodwa waligadla ngomphini imbazo ikhona. Ibhola lakhe libe selizishayisa kumdlali we-Arrows layophumela ngaphandle.

ISundowns izidlele amahlanga
kwiCeltic iyishaya ngo 2-0

Nokho bekungunozinti weChiefs, uBruce Bvuma obesebenza kakhulu ngasekuqaleni komdlalo. Ubewavimba kahle namabhola e-Arrows. Kodwa ligcine limdlile ngomzuzu ka-21.

Bekuyisiqubu sokuhlasela esisheshayo saBafana Bes’thende, ibhola laphelela ezinyaweni zikaMichael Gumede. UBvuma ebambisene noMulomowandau Matoho bazamile ukulivimba kodwa labehlula laphelela enethini.

Kusukwa lapho, iChiefs nayo ithole ithuba elihle, kodwa abadlali be-Arrows bakwazi ukuwususa umhlola ekhaya. Nokho iChiefs isale ikhala ngephenathi kodwa yazitshwa.

Abafana Bes’thende balehlisile izinga ngemuva kokushaya igoli lokuqala, bavumela iChiefs yangena egiyeni. Beyisihlasela kuvalwe amehlo iChiefs. Yingakho ke kungethusanga ukuthi ilithole elokulinganisa.

Kube wumnyakazo omuhle kaWillard Katsande osuke nebhola esisiwini wanvundla nenkundla, wadabula phakathi kwezitobha ezimbili ze-Arrows, wabe selibeka kuLebogang Manyama. Akazange esananaza naye, walibeka enethini.

UDaniel Cardoso ukhombisile ukuthi kungani eyisitobha. Uyeke elihle ithuba ngomzuzu ka-41, ibhola liwela kuye eyedwa phakathi ebhokisini le-Arrows. Inethi beyivulekile kodwa uCardoso wavele walibhamuza phezu kwamapali.

Kube sekwenzeka into engajwayelekile uRamahlwe Mphahlele ethola ikhadi eliphuzu yize ebengekho enkundleni. Kukhoalakala ukuthi kukhona akusho kunompempe kanti uzomuzwa wabe esemxayisa ngekhadi.

Leli khadi lisho ukuthi ngeke esakwazi ukudlala umdlao wokugcina waMakhosi njengoba esanamakhadi aphuzi amane.

IPirates nayo ibuye
seyilandela ngemuva
ishaya iBaroka ngo 2-1 

Ngasekupheleni kwesiwombe, uGumede noKnox Mutizwa bahlulwe amathuba alula obekumele babeke ngawo i-Arrows phambili. Nokho bobabili ngokulandelana balibhamuze phezulu ibhola.

IChiefs icishe yalithola igoli kusanda kuqala isiwombe sesibili, uCastro ugobele uNurkovic elihle ibhola, kodwa walingqofa laphuma eceleni. Ngomzuzu ka-62, I-Arrows iphinde yahamba phambili.

Kube wumkhonto ogwaze ekhaya uMathoho engqofa ibhola kade kuyi-free kick ye-Arrows, ladla enethini kaBvuma. Nokho abuyile Amakhosi ngomzuzu ka-72. Kube wumnyakazo omuhle kaNkosingiphile Ngcobo obengene negsiwombe sesibili.

Ugijime wakhuthuza izitobha ze-Arrows qede walibeka phambi kukaManyama ibhola naye akangabe esacucuza, walibeka enethini. UNgcobo uphinde waba yiqhawe ebekela uManyama elihle ibhola, walinamathisela enethini kwaba ngu 3-2.
Imiphumela: Celtic 0 Sundowns 2; SuperSport 2 Maritzburg 0; TTM 0 Chippa 0; CT City 3 Leopards 1; Baroka 1 Pirates 2; AmaZulu 1 Swallows FC 0; Stellenbosch FC 0 TS Galaxy 0
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *