IBucs inenselelo yokubuyisa umgqigqo ngeSuperSport

UFadlu Davids noMandla Ncikazi
Sihle Ndlovu

I-Orlando Pirates sekudlule imidlalo emithathu ingayazi iwini emidlalweni yeDStv Premiership, kanti kuleyo midlalo isashaye igoli elilodwa kuphela.

Kule midlalo iBucs idlale ngokulingana emibili ngo 0-0, ibhekene neLamontville Golden Arrows neCape Town City ngokwehlukana, yase ishaywa yiKaizer Chiefs ngo 2-1.

Lokhu kuchaza ukuthi iPirates ikwaze ukuqoqa amaphuzu amabili emidlalweni emithathu, lapho ebingabuya khona nayisishiyagalolunye. Lona umgqigqo ongemuhle neze emidlalweni yeligi.

IBucs inalo ithuba lokukushintsha lokhu uma isibhekene neSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership, e-Orlando Stadium, ngoLwesithathu, ngo-7.30 ebusuku.

Nokho leli qembu, eliqeqeshwa uMandla Ncikazi naFadlu Davids, kuzomele likusebenzise ngendlela ukuthi lidlalela Esigodini Sikamaminzela, lishaye amagoli. Kuyinto eyihlazo ukuthi iBucs isashaye amagoli amabili kuphela emidlalweni emine, uma kubalwa noweNedbank Cup.

Ukuwina kweBucs ngoLwesithathu ebusuku kungayinyusela endaweni yesithathu kwilogi yePremiership (bese kuncike ekutheni ishaye amagoli amangakhi). Ukushaywa kungenza ukuthi yehlele endaweni yesihlanu, bese kuba yiSuperSport ethatha indawo yesine.

Okwenzeka emidlalweni yeligi kwiBucs kuhluke kakhulu kunalokho okwenzeka emidlalweni yayo yeCAF Confederation Cup. Kulo mqhudelwano leli qembu lihlohla amagoli, futhi linethuba lokuhamba ibanga elide.

Amatsatsantsa a Pitori wona aya kulo mdlalo enokuzethemba ngemuva kokushaya AmaZulu FC ngo 2-0 emdlalweni weligi odlule.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.