IBucs ishaye iRockets yaqhwakela kwiPremiership

Sihle Ndlovu

I-Orlando Pirates ibuyele esicongweni selogi yeDStv Premiership kulandela ukushaya iTS Galaxy ngo 2-0 emdlalweni weligi e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo.

IBucs beyiye kulo mdlalo ikudinga kakhulu ukuwina njengoba igcine ishaywe yiMaritzburg United ngo 1-0 emdlalweni ongaphambi kwalona, ngempelasonto edlule. Ngaphandle kokubuyela esicongweni iPirates izokujabulela ukuwina lo mdlalo njengoba isazodlala imidlalo ebalulekile okukhona kuyona noweMTN8 (eyimilenze emibili) ezowudlala neMamelodi Sundowns ngo-Okthoba 2.

Ngemuva kokutholana nompetha beligi kowandulela owamanqamu weMTN8, iBucs izovakashela iSekhukhune United ngo-Okthoba 4, bese kulandela umdlalo ezowudlala nomakoti iRichards Bay FC ngo-Okthoba 8.

Okuhlaluke ngeBucs ngoMgqibelo ukuthi ibingafuni ukunika iRockets ithuba, ngoba iyayazi ukuthi iyingozi. IPirates ivele yahlasela kuqala yagcina ithole igoli elize noZakhele Lepasa ngomzuzu wesithupha. Ngaphambi kokuthi ziye ekhefini ubuyile futhi uLepasa washaya igoli lesibili ngomzuzu ka-37 kwaba ngu 2-0.

ULepasa ubegila iqembu lakhe lakudala ngokushaya amagoli amabili alishiye lingenamaphuzu. Udlaleli kuleli qembu futha waba yiqhawe eshaya iphenathi lishaya iKaizer Chiefs ngo 1-0 emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup ngo-2019.

Kulo mdlalo kubonakale uBernard Parker, obedlalela iChiefs, egqoke imibala yeTS Galaxy okuyiqembu lakhe elisha. Omunye umdlali ongene esuka ebhentshini uSibusiso Vilakazi osayine kwiRockets esuka kwiSundowns.

Akukho okutheni okwenzeke ngesiwombe sesibili ngaphandle kokuthi iPirates ibingasafuni lutho emuva. Ukushaywa kweRockets kuchaza ukuthi izodlala endaweni yesikhombisa kwilogi yePremiership.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *