IBucs isiphefumulela kwiDowns esicongweni sePremiership

UDeon Hotto we-Orlando Pirates oshaye igoli bebhekene neChippa United

SIHLE NDLOVU

I-Orlando Pirates ifake ukushisa kwiMamelodi Sundowns esicongweni se-log ngemuva kokushaya iChippa United ngo 3-0 emdlalweni weDStv Premiership, eNelson Mandela Bay Stadium, ngoMgqibelo.

Ukuwina kwePirates kuyinyusele endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-35, nokuchaza ukuthi isisele ngephuzu elilodwa kumaBrazilians. Nokho iSundowns isalele emuva ngemidlalo emine njengoba imatasa nemidlalo yeCAF Champions League, lapho yenza kahle khona.

Emdlalweni wangoMgqibelo alikho iqembu ebelisaba elinye uma liphethe ibhola ngesiwombe sokuqala. IChippa beyikhululeka iphaselana kamnandi, nokuyibhola elithandwa kakhulu umqeqeshi wayo uDan Malesela. NeBucs beyenza njengoba yaziwa, ilincinza kamnandi, ibonana ezikhaleni.

Ithuba elicacile leChippa liqhamuke ngomzuzu ka-24 ngesikhathi uSizwe Mdlinzo ekhahlela esebhokisini kodwa ibhola laphelela ezandleni zikaRichard Ofori. IPirates ilitholile nayo elayo ithuba lokushaya igoli kodwa ibhola likaLinda Mntambo laphuma kancane eceleni kwepali ngomzuzu ka-30.

Bekubukeka sengathi umdlalo uzoya ekhefini kungu 0-0 kodwa yakushintsha konke lokho iBucs. Ngomzuzu ka-39 uDeon Hotto ushaye igoli lePirates ngemuva kwephutha elenziwe unozinti weChilli Boys u-Ayanda Mtshali, ofike ebholeni kuqala kodwa wathalalisa nje. UHotto ushaye igoli sekungekho muntu emapalini.

IChippa izamile ukuhlasela izama ukufuna igoli lokulinganisa. Nokho iphinde yalala emuva abuya amaBhakabhaka ayihlawulisa. Ngomzuzu ka-44 uFortune Makaringe ukhahlele ibhola lashayisa kuRiaan Hanamub umkhonto wagwaza ekhaya kwaba ngu 2-0.

Ngesiwombe sesibili yiBucs eqale kahle kucaca ukuthi ifuna ukuhlohla igoli lesithathu. Nokho uMtshali ubukeke ephila evimba amabhola anzima. Lokhu kwenze wangajabula neze uJosef Zinnbauer ebhentshini leBucs obekucaca ukuthi ubefuna amanye amagoli.

IPirates ithe ukwehlisa izinga ngemuva komzuzu ka-60. Lokhu kwenze ukuthi ibukeke ibuyelwa ukuzethemba iChilli Boys. Ukubonile lokhu uZinnbauer wafaka uGabadinho Mhango endaweni kaVincent Pule, kwathi endaweni kaMakaringe wafaka uBongani Sam ngomzuzu ka-68.

Ngemizuzu yokugcina iChippa izamile ukucindezela kodwa kwasho ukuthi izinto azisayivumi. Kunalokho kuthe ngomzuzu ka-89 uBen Motshwari washaya igoli eliqede nya ngeChilli Boys. Umdlalo ugcine uphele ngo 3-0 abuya e-Eastern Cape ejabulile amaBhakabhaka.

 

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe.com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *