IBucs ithele kamuva iguqisa iGallants

UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

I-Orlando Pirates inyukele endaweni yesibili ngemuva kokushaya iMarumo Gallants ngo 2-1 emdlalweni  weDStv Premiership e-Orlando Stadium, ngoMsombuluko.

IBucs ike yalandela ngemuva ngo 1-0 kulo mdlalo kodwa yabuya yashaya amagoli amabili ngokushesha, yase ihamba phambili singakapheli isiwombe sokuqala.

IGallants iyona ebiphaselana ibhola kahle emizuzwini yokuqala yomdlalo. Akumangazanga ngesikhathi uSiphelele Ntshangase eshaya igoli ngomzuzu ka-12.

UNtsangase, owake wadlalela iKaizer Chiefs, ubeshaya igoli okokuqala kwiPremiership ngemuva kweminyaka eyisithupha. KwiChiefs ahlale kuyona isikhathi eside ukuthole kunzima ukuzinza eqenjini waze washiya ngesizini edlule.

IPirates izamile ukuvuka emaqandeni ngemuva kokudedela igoli. Ngomzuzu ka-24 uThembinkosi Lorch ushaye enhle iphasi yathola uKwama Peprah walibeka phakathi.

Ukungena kwaleli goli kubukeka kuyididile iGallants njengoba iPirates ibuyile yalitapeta kamnandi. Ngomzuzu ka-26 uPeprah ubuyile washaya igoli lesibili kwacaca ukuthi amatafula aseyaphenduka. Lo mgadli ubeqala ukushaya igoli selokhu efike kweZimnyama.

UDaniel “Dance” Malesela, oqeqesha iGallants, ukhethe ukumkhipha uNtshangase ngomzuzu ka-38 wafaka uNdabayithethi Ndlondlo endaweni yakhe. Ziye ekhefini kungu 2-1.

Ngesiwombe sesibili iGallants yalenyusa kakhulu izinga kodwa iPirates ibivimba kahle emuva. Womabili amaqembu awatholile amathuba okushaya amagoli kodwa angawasebenzisa.

Ngomzuzu ka-82 iBucs ikhiphe uPeprah yafaka u-Innocent Maela, kucaca ukuthi ayisafuni ukudedela lutho emuva. EZimnyama zigcine zibambelele kanti zizobhekana naMaZulu ngoDisemba 23 khona e-Orlando Stadium.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.