IBucs izoya kowomkhaya neChiefs izethemba ngemuva kwewini: Dlamini

IBucs izoya kowomkhaya neChiefs izethemba ngemuva kwewini: Dlamini
UKabelo Dlamini
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

I-Orlando Pirates idlale kahle okokuqala kule sizini ibhekene neSekhukhune United kodwa kugqame ukubhacaza uma seyifika empalini ezitha.

Indlela ebiwashweba ngayo amathuba iBucs ize yacishe yazithola iphuma kulo mdlalo ishwiba izandla.

Nokho izinguquko ezenziwe ngabaqeqeshi oMandla Ncikazi noFadlu Davids ngesiwombe sesibili zenze umehluko.

IPirates ibe seyikwazi ukubuya kulo mdlalo kade seyilandela ngemuva yashaya amagoli amabili yawina ngo 2-1 asala e-Orlando amaphuzu amathathu.

Le wini ibeke iBucs endaweni yesithupha kwilogi yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-14 ngemuva kwemidlalo eyisishiyagalolunye.

Isasilele emuva ngamahlanu kwiMamelodi Sundowns okuyiyo ezihola phambili futhi enemidlalo emibili esayigodlile.

Nokho umdlali waleli qembu uKabelo Dlamini ujabulele ukuthi bagcine bekwazile ukuthola iwini.

Phela bese kudlule imidlalo emine yeligi iPirates ibamba iyeka iwini ingaveli.

“Bekuwumdlalo onzima. SIzamile ukwenza konke okusemandleni ngayo yonke indlela. 

“Esiwombeni sokuqala sizamile ukuthola igoli kodwa sawashweba amathuba ebesiwathola.

“Bona bathole ithuba elilodwa nje balisebenzisa bashaya igoli lokuhamba phambili,” kusho uDlamini.

Lo mdlali osemncane ungene ngesiwombe sesibili noTerrence Dzvukamanja bafike bajika izinto.

Esanda kungena uDzvukamanja ushaye elihle ibhola eligqosha kodwa unozinti weSekhukhune abadabuka naye eZimbabwe uToaster Nsabata walivimba sekuvalwe amehlo.

ULinda Mntambo uvalele phakathi iphenathi kwase kuthi uDlamini washaya elihle igoli ngebhola alivuthulule engaphandle kwebhokisi.

FUNDA NALA: OweChiefs uyivumile induku yeStellies

“Esiwombeni sesibili umqeqeshi ufake mina noTerrence Dzvukamanja wasitshela ukuthi kumele sifike sikhahlelele ipali sibajike uma kuvuma ithuba. 

“Besilokhu sidlala kahle, inkinga bekuba wukuthi imiphumela esiyifisayo beyisiphika. 

“Ukuthola le wini kubalulekile ngoba ngempelasonto sizodlala umdlalo womkhaya baseSoweto.

“Sesizoya kuwo nomfutho nokuzethemba njengoba sikwazile ukuqoqa amaphuzu aphelele,” kuchaza uDlamini ongumzala kaJabu “Pule” Mahlangu.

IPirates izogadulisana neKaizer Chiefs eFNB Stadium emdlalweni wayo olandelayo ozoba ngoMgqibelo.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.