Ibukise ngeChiefs iRoyal AM iyibhaxabulela ekhaya

Ibukise ngeChiefs iRoyal AM iyibhaxabulela ekhaya
UVictor Letsoalo nozakwabo beRoyal AM
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kuvele kwabheda kakhulu kwiKaizer Chiefs iphendulwa ompushana yiRoyal AM eyishayele ekhaya ngo 4-1 ngoMgqibelo kusihlwa.

IChiefs beyivele isaphefumula ngenxeba njengoba beyibuya endukwini yeMamelodi Sundowns njengoba seyiphindwa nje.

IRoyal AM icishe yawumosha zisuak umcimbi waseFNB Stadium njengoba kwale kancane ishaye igoli kusaphele imizuzu emibili umdlalo uqalile.

Lo mgadli uthole ibhola engaphakathi ebhokisini leChiefs, waphenduka wadlula kakula kuMulomowandau Mathoho obezama ukumvimba wabe esekhahlelela ipali.

Nokho ibhola lakhe lizishayise epalini ekubeni bekubukeka selimdile unozinti obevimba okokuqala kwiChiefs uBrandon Petersen.

IChiefs ibe seyikhombisa ukuthi kusesibayeni sayo eFNB yaqala yahlanganisa iminyakazo emihle.

Kodwa beyihluleka wukwakha amathuba amahle kwazise iRoyal AM beyimlusile uKeagan Dolly okunguye oyaye avule izikhala uma kuhlaselwa.

Bekufanele ilishaye kuqala igoli ngomzuzu ka-17 ngesikhathi eminye yeminyakazo iphelela ekutheni uCole Alexander azithole esebhekene nonozinti.

Kodwa uvele washaya into ezibhekele eceleni okungadingekanga nokuthi azikhathaze ngayo uPeter Nyame. 

ULetsoalo ube eseyibeka phambili iMaMkhize Boys ngomzuzu ka-34 njengoba eze wagaqa ngamadolo ukuze angqofe ibhola ebeligotshwe uLevy Mashiane.

Leli bhola ulingqofe ephakathi kwezitobha zeChiefs ezimbili. Amakhosi abe esephoqeleka ukwenza ushintsho sekubhekwe ekhefini.

UPhathutshedzo Nange ulimalile kwaphoqa ukuthi akhishwe. Indawo yakhe ithathwe u-Agay Akumu.

Ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili iChiefs incishwe iphenathi ngesikhathi ukaputeni weRoyal AM uSamuel Manganyi edlalise kabi uKhama Billiat esebhokisini langakubo.

IRoyal AM iyeke elihle ithuba lokushaya igoli lesibili ngimzuzu ka-63 ngesikhathi ihlasela ngokuzuma yazifica zilele izitobha zeChiefs.

UTebogo Potsane uvele washaya ishodi lenkukhu walivimba kalula uPetersen ibhola lakhe.

FUNDA NALA: Usuthu luzibuyise zishisa izinduku kwiBig Bullets kwiChampions League

IMaMkhize Boys igcine ilitholile igoli lesibili ngomzuzu ka-64. UNjabulo Ngcobo, obedlala okokuqala kwiChiefs, ubambe wadedela uPotsane ngaphandle kancane nje kwebhokisi langakubo.

Unompempe umbonile, wamhlawulisa ngokulibeka phansi wathi alikhahlelwe yiRoyal AM.

Kube sekuphakama yena uLetsoalo washaya elihle ibhola elimshiye emile uPetersen layobhajwa enethini.

USifiso Hlanti naye ushaye enhle i-free kick le ngomzuzu ka-73, ibhola lakhe lizishayise kumdlali weRoyal AM labe seliyokhalakathela enethini.

Kodwa kuthe isabona ithuba lokubuya kulo mdlalo iChiefs, yaphinda yalivuzisa futhi ikhanda iMaMkhize Boys.

USibusiso Mabiliso udle inethi yangakubo kade ethi uvimba ibhola ebeligotshwe ngakwesokudla, kwaba ngu 3-1.

IRoyal AM iphinde yashaya elinye igoli sekubalwa amanenjana umdlalo uphele. Lishaywe uMfundo Thikazi.

Kweminye imidlalo ebidlala ngesikhathi esifanayo, iStellenbosch ifundise omakwelwane ukuthi ayisinisi amahleza kule sizini.

Leli qembu liakSteve Barker lishaye iCape Town City ngo 3-0. IBaroka nayo ayibanga nazwelo komakhelwane bayo baseLimpopo iSekhukhune United iyishaya ngo 1-0.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.