Ibukise ngeJwaneng iPirates iyibhaxabulela ekhaya koweCAF Confederation Cup

UThulani Hlatshwayo oshaye igoli lokuqala le-Orlando Pirates eBostwana

OKADONGA GUMBI

Ibe nonyawo oluhle i-Orlando Pirates eBostwana njengoba ifike yayinqumela ogodweni iJwaneng Galaxy ebidlala nayo umdlalo womlemze wokuqala wokuhlunga kwiCAF Confederation Cup eNational Stadium ngeSonto ntambama.

Iqembu elizonqoba uma sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze yomibili lizodlulela esigabeni samaqoqo, futhi ukuwina kweBucs ngo 3-0 ekuhambeni sekuyibeke ethubeni elihle.

IPirates isheshe yacacisa ukuthi ayifuni ukubuyela ekhaya nenduku yombangandlala njengoba ivele yazicindazela lezi zimbangi zayo umdlalo uqala.

Unozinti weJwaneng, u-Ezekiel Morake nguyena obesebenza ukwedlula bonke abadlali baleli qembu laseBotswana ngasekuqaleni komdlalo, evimba amabhola abethunyelwa kuye ngoVincent Pule, Terrence Dzvukamanja noDeon Hotto.

IBucs kudingeke ilinde imizuzu engu-32 ngaphambi kokuba ibhakuzise inethi yize beyiwathola amathuba. UThulani “Tyson” Hlatshwayo ungqofele phakathi ibhola obekuyikhona egotshwe nguHotto.

Nasesiwombeni sesibili bekusabusa lona iBhakhaniya, libuya liphendelela emapalini eJwameng kodwa lifice oMorake engazwile, ayichithe imizamo yalo.

Maphakathi nesiwombe, umqeqeshi weBucs, uJosef Zinnbauer ube esenza izinguquko ekhipha uDzvukamanja noHotto, wafaka oKabelo Dlamini noJean-Marc Mundele ezindaweni zabo.

UZinnbauer ubenethemba lokuthi oDlamini noMundele bangakwazi ukudida uMorake bathole igoli lesibili ebelizoyiqeda amandla iJwaneng.

Zisebenze njengokufisa kwakhe umqeqeshi izinguquko njengoba kungaphelanga sikhathi esingakanani, uLinda Mntambo wadonsa ishodi, wezwa ngoba selikhala enethini emva kwakhe uMorake ukuthi isibhemile.

Zithe zisuka lapho, wabuya noMundele wathi yena uyakwazi akusukela eCongo DR kwamletha kuleli qembu laseSoweto, washaya elesithathu.

Leli goli lenze kwacaca ukuthi igama leBhakhaniya liyobe likhona mhla sekubalwa amaqembu azodlala kweyamaqoqo. Umdlalo womlemze wesibili la iPirates iyobe isizihlinzela khona ingcuba uzoba se-Orlando Stadium ngoFebhuwari 21.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *