IBulls ayithi nsi, ifuna ukuvikela isicoco kwiCurrie Cup, ibukise ngeGriquas

IBulls ayithi nsi, ifuna ukuvikela isicoco kwiCurrie Cup, ibukise ngeGriquas
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

IVodacom Bulls inyukele esicongweni selogi yeCarling Currie Cup ngemuva kokubhaxabula kabuhlungu iTafel Lager Griquas ngo 56-33, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesithathu.

AmaHiligwa abewuqale kahle lo mdlalo kodwa iBulls yawajikela esiswini njengotshwala besiZulu, ngesiwombe sesibili.

Ukuwina kweBulls kwenze yagudluza iCell C Sharks esicongweni. ISharks ayidlalanga ngoLwesithathu ngoba kutholakale abadlali abaneCoronavirus ekhempini yayo.

Lokhu kuholele ekutheni iNew Nation Pumas inikwe amaphuzu amane njengoba ibizodlala neSharks. Emdlalweni wangoLwesithathu iBulls ishaye ama-try ayisikhombisa, kanti iGriquas ikwaze ukuthola amathathu kuphela.

Umdlalo uqale ngokuthi uGeorge Whitehead ashaye amaphenathi amabili ngomzuzu wesine nowesithupha iGriquas yahamba phambili ngo 6-0.

UJohan Goosen ulivalile igebe ngomzuzu ka-14 ngephenathi, waphinde wabuya ngoka-27 washaya itry, yahamba phambili ngo 10-6 iBulls.

Iqembu lasekhaya liphinde lakhombisa ukuthi alifuni ukushayelwa ekhaya, uSchalk Erasmus eshaya itry yesibili yeBulls ngomzuzu ka-26.

Kuphinde konakala futhi ngomzuzu ka-28 uKurt-Lee Arendse eshaya itry yeBulls kwaba ngu 20-6. Ngalesi sikhathi amaHiligwa abebukeka esevulekile emuva kodwa uWhitehead washaya iphenathi kwaba ngu 20-6.

FUNDA NALA: ISharks ilimalile iphucwa amaphuzu ngenxa yeCorona

Izamile iGriquas ukukhombisa ukuthi ayifuni ukuzithela ngabandayo ishaya itry ngomzuzu ka-40 kwaba ngu 20-16.

Ngesiwombe sesibili iphinde yaqala ngokuvala igebe ngephenathi iGriquas kodwa uWalt Steenkakamp waphinde washaya itry yeBulls eqinisekise ukuthi ithola iphuzu lebhonasi.

Ngemuva kwalokho iBulls ivele yavuka inja ebomvu ishaya ama-try elandelana. Lokhu bese kwenza ukuthi iGriquas yenze inqwaba yamaphutha emuva.

Ama-try eBulls eze no-Elrigh Louw (58), Schalk Erasmus (66), Jan-Hendrik Wessels (72) noKurt-Lee Arendse (75). AweGriquas amabili ngesiwombe sesibili kube yi-penalty try ngomzuzu ka-54, kwathi ukaputeni uJanco Uys washaya itry yomthobanhliziyo ngomzuzu ka-80.

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.