IBulls ilishiye lopha elengqwele ishaya iSouth Africa A ebithenjiwe

IBulls ilishiye lopha elengqwele ishaya iSouth Africa A ebithenjiwe
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

IVodacom Blue Bulls ithele kamuva ngesikhathi ishaya iSouth Africa A ngo 17-14 eCape Town Stadium, ngoMgqibelo ntambama. Bekulindeleke ukuthi iSouth Africa A izidlele amahlanga kulo mdlalo kwazise beyidlala neqembu eliyibamba kwiCurrie Cup.

Nokho iBulls ayikuvumanga lokho yize ike yalandela ngemuva isikhathi eside, nobekwenza kubukeke sengathi izothola induku kulo mdlalo. Akubanga lula eqenjini lakuleli (South Africa A) ukuthola amaphuzu ngoba iBulls beyiqine kakhulu emuva.

Kuze kwaba ngomzuzu ka-12 lapho iNingizimu Afrika iphaselane kahle ibhola lagcina lihlale ku-Aphelele Fassi washaya itry yokuqala yomdlalo. Ngomzuzu ka-16 iNingizimu Afrika izithole ingasaphelele kulandela ukuthola ikhadi eliphuzi kukaWandisile Simelane, obekuphoqa ukuthi ahlale imizuzu eyishumi ngaphandle.

Lo mdlali ubuye lapho wazithuntutha, wadlala kahle, nokuholele ekutheni ashaye itry yesibili yeNingizimu Afrika ngomzuzu ka-38. Ziye ekhefini iBulls ingatholanga nelilodwa iphuzu kuhamba phambili iNingizimu Afrika ngo 14-0.

Isiwombe sesibili siqale zishukana lingekho iqembu ebelifuna ukudedela elinye kalula. IBulls ibilokhu idlala kahle ikhombisa ukuthi ifuna ukubuyela emdlalweni.

FUNDA NALA: AbeChiefs bengafunda lukhulu kuJerry Sikhosana owanqobisa iPirates eseCAF

Kuthe ngomzuzu ka-66 leli qembu lasePitoli lagcina lizuzile ngokucindezela kwayo, uKeagan Johannes eshaya itry. Kuphele imizuzu emibili kuphela yabuya futhi iBulls yashaya enye itry eze noJohan Grobbelar ngomzuzu ka-68.

Ngesikhathi kungu 14-14 iBulls ibibonakala ukuthi iyakholwa ukuthi ingawuwina lo mdlalo. Ibicindezela futhi iphoqa iNingizimu Afrika ukuthi yenze amaphutha.

Ngomzuzu ka-76, ezikaJake White zithole iphenathi zayibeka phakathi zahamba phambili okokuqala emdlalweni. Ingcindezi ibuyele kwiNingizimu Afrika ebisinemizuzu emine kuphela ukuthi izame ukuthola itry ebingayenza iwine umdlalo. Nokho igcine ibambelele iBulls umdlalo wagcina uphele ngo 17-14.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *