Sihle Ndlovu
Ithole induku okokuqala kule sizini iCell C Sharks ngesikhathi ishaywa yiVodacom Bulls ngo 35-21 emdlalweni weCurrie Cup eLoftus Stadium, ePitori, ngoLwesithathu ebusuku.
ISharks iwuqale kahle umdlalo, uMurray Korster, eshaya i-try ngomzuzu wesibili. Nokho izivakashi zibukeke zifikelwe ubuthongo ngemuva kwalokho njengoba zenze inqwaba yamaphutha.
Ngomzuzu wesishiyagalolunye iBulls ithole i-try yokuqala eze noMadosh Tambwe, yahamba phambili ngo 7-5. UJordan Chait ushaye iphenathi ngomzuzu ka-14, iSharks yaphinde yahamba phambili ngo 8-7.
Igqemeke engeqiwa ntwala iSharks ngesikhathi uHayron Andrews noCelimpilo Gumede, bekhishelwa ngaphandle ngamakhadi amaphuzi belandelana. Ngaleso sikhathi iBulls ivele yathola ipenalty try, yahamba phambi ngo 14-8.
Ngomzuzu ka-32 uMarnus Potgieter ushaye itry ngemuva kwephenathi kaChait,yabuyela emdlalweni iSharks. Ziye ekhefini hamba phambili ngo 18-14.
Isiwombe sesibili siqale kuyiBulls ebihlasela kakhulu. Okugqamile kulo mdlalo ukuthi iBulls beyenza kahle kuma-lineouts, kanti iSharks ibimandla kuma-scrums.
IBulls ithole i-try ngomzuzu ka-46 yahamba phambili kodwa iphenathi ka-Inny Radebe ngoka-49, yenza kwaba ngu 21-21.
Kuphinde konakala nokho kwiSharks ngomzuzu ka-69 iBulls ishaya i-try eyenze kwaba ngu 28-21, kwacaca ukuthi umdlalo uzophela ngegiya eliphezulu.
Isipikili sokugcina ebhokisini leSharks sishayelwe ngu-Elrigh Louw eshaya i-try yesihlanu yeBulls ngomzuzu ka-73.
editor@impempe.com