Ibuye ilambatha iPirates, kodwa akukubi kakhulu

Ibuye ilambatha iPirates, kodwa akukubi kakhulu
UTshegofatso Mabasa
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kucace ngeqembu eliqale umdlalo ukuthi kunokuciciyela okukhona kwi-Orlando Pirates ebiqala umkhankaso weCAF Confederation Cup ngoLwesihlanu kusihlwa.

IPirates iqale umdlalo wayo neDiables Noirs yaseCongo Brazzaville ekuhambeni iqhugela njengoba iningi labadlali abajwayele ukuqala imidlalo bebengekho bebengekho.

Bheka nje ngoba emuva maphakathi nenkundla bekudlaliswa uBongani Sam osanda kubuya ekulimaleni.

Lo mdlali muhle uma ekwesokunxele ezogudla nalo ngolayini asize uma sekuhlaselwa kodwa ubegxishiswe emuva kulokhu.

Naphambili beyihlasela ngoBandile Shandu noKabelo Dlamini abebelekelela uTshegofatso Mabasa.

Leli qembu eqale ngalo beliqala ukudlala ndawonye futhi kumele linconywe ngokukwazi ukubuya lingadedelanga goli.

Cishe emlenzeni wesibili ekhaya seliyokwenza kangcono nabanye ababadlali sebebuyile futhi sebesenkundleni abayijwayele.

Lo mphumela awumuhle kodwa futhi awumubi kwiPirates njengoba isazoba nethuba seyisekhaya.

Kodwa ke kungenzeka iDiables ifike kuleli ingasagayelwe mphako futhi ingasakhathalele lutho bese kuchitheka izishebo sekuzophakwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published.