Ibuye kwehle izihlathi iPirates eVenda ithola isibhaxu kwiLeopards

OkaDonga Gumbi
Black Leopards (2) 2
Orlando Pirates (0) 0
Kuphinde kwahlala obala ukuthi i-Orlando Pirates iyashesha ukuphelelwa amaqhinga uma ifice iqembu elikwaziyo ukuvala emuva, ngesikhathi yehlulwa yiBlack Leopards ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership eThohoyandou Stadium, eVenda ngeSonto ntambama.
Mhlawumbe kumele izisole ngokuyithatha kancane iLeopards iyiyeka ilawule umdlalo ngasekuqaleni, okwenze yagcina ishaya amagoli ayibeke phambili. Kodwa ngaphezu kwalokho iBucs kumele iyibhekisise le nkinga yayo yokungakwazi ukugqobhoza udonga oluqinile.
ILidoda Duvha iqale kahle futhi uWayne Sandilands uyena ohlolwe kuqala ukuthi ukhona ngempela yini enkundleni, ngesikhathi uRodney Ramagalela ezama ukumzuma ngodalimede kodwa walivimba.
Yize umdlalo ubungasheshi ngendlela obulindeleke ngayo, ikakhulukazi kwiPirates kodwa amathuba abevela. ILeopards izozisola ngeliyeke ngomzuzu ka-23, uWiseman Maluleke eshaya into ethule angazange abe nenkinga yokuyivimba uSandilands.
U-Innocent Maela ucishe wazifaka ehlazweni ngomzuzu ka-28 ngesikhathi ezama ukukhipha ibhola ngaphandle kodwa lazishayisa epalini lacishe ladla ekhaya, kodwa lagcina ngokuphumela ngaphandle kwaba yikhona.
Nokho ibhadi lokushaya igoli eliwumkhonto ogwaza ekhaya belimqondile njengoba ethe uyayivimba ikhona uMaela, wavele walingqofela phakathi wapha iLeopards igoli layo lokuqala.
Ngesikhathi iPirates seyishoshela izama ukuthola igoli lokulinganisa, izithole seyisenkingeni ngesikhathi iLeopards iyihlasela ngokuzumisa ngomzuzu ka-39, yayifica ingazelele uRoderick Kabwe walinamathisela enethini kwaba ngu 2-0.
Ekuqaleni kwesiwombe sesibili, iBucs yenze uguquko ikhipha uWayde Jooste indawo yakhe yathathwa nguTerrence Dzvukamanja ongumdlali waphambili njengoba beyisilwela ukubuya kulo mdlalo. Lolu guquko lusebenzile njengoba bese beyicindezele, beyidlalisela ngasohlangothini lwayo lwenkundla iLeopards.
Nokho bakuthole kunzima ukugqobhoza udonga obeligadwe ngu-Edwim Gymah – ogcine ebe nguMdlali oVelele kulo mdlalo.
Ngesikhathi iPirates ishoshela ifuna amagoli, icishe yazithola seyilandela ngemuva ngamathathu ngesikhathi uMumuni Abubakar edonsa ibhola elide elimfice eyedwa uMohamad Anas nokho walimosha eshaya into efile nayivimbe kalula uSandilands.
Uphinde wlithola elesibili ithuba u-Anas kodwa waphinde wadlala ngalo ethatha ibhola elipha uSandilands.
Le wini ithathe iLeopards yayisusa emsileni, yayibeka endaweni ka-14 kanti isenomdlalo engakawudlali. IPirates yona isahleli endaweni yesihlanu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *