Ibuye nephuzu iPirates kwiSetif

Abadlali be-Orlando Pirates, oLinda Mntambo noDeon Hotto

OKADONGA GUMBI

Izabalaze kwacishe kwalunga i-Orlando Pirates iphuma nephuzu emdlalweni weCAF Confederation Cup ebibhekene kuwo ne-ES Setif yase-Algeria ngoLwesithathu ebusuku.

Lo mdlalo udlalelwe e-Ohene Djan Sports Stadium, e-Accra eGhana ngenxa yokuthi iPirates ayivumelekile ukungena e-Algeria ngenxa yemigomo yakhona eqinile yokuvika iCovid-19, edlange kakhulu kuleli.

Zigadulisane zaze zabukana lezi zinkunzi, ekugcineni bacazelana amaphuzu njengoba umdlalo uphele zibambene kungekho oshaye igoli.

Lo mphumela muhle kwiBucs kwazise beyisekuhambeni kanti ukuthola iphuzu ungekho ekhaya emiqhudelwaneni enjena yinto enhle impela.

IPirates isilele isibili kuGroup A walo mncintiswano, kanti ngenhla kwayo kukhona i-Enyimba yaseNigeria eshaye i-Al-Ahly yaseLibya ngo 2-1 ngawo uLwesithathu.

Kucishe kwabheda zisuka kwiBucs, uRichard Ofori, obengakubo eGhana, ebhayiziswe yobhola leSetif kodwa uSiphesihle Ndlovu wakwazi ukumvikisa ihlazo elivimba seliyokweqa umugqa.

Leli qembu likaJosef Zinnbauer liphoqeleke ukwenza ushintsho ngomzuzu ka-11 ngemuva kokuba u-Ofori eklunyuke umsipha wethanga kade ekhahlela ibhola.

Indawo yakhe ibe seyibanjwa nguSiyabonga Mpontshane obesenesikhathi eside agcina ukudlala kwiPirates.

Ngomzuzu ka-32, iPirates ithole i-free kick eshaywe nguDeon Hotto ibhola lakhe lawela ekhanda likaHappy Jele kodwa walingqofela phezu kwamapali.

IPirates iyoba ebisidlala kangconywana ngesiwombe sesibili futhi izama ukwakha amathuba kodwa kungahlangani kahle.

Kuze kwacishe waba yiSetif eyibhakuzisa kuqala inethi ngomzuzu ka-64, kodwa ibhola layo laphuma phezu kwamapali sekuvalwe amehlo.

Ngomzuzu ka-89, iPirates ithole i-free kick endaweni enhle, kodwa uVincent Pule walibhamuza phezu kwamapali.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.