Ibuyela enkundleni imidlalo yeSuper League kule nyanga

Ibuyela enkundleni imidlalo yeSuper League kule nyanga
Abadlali beMamelodi Sundowns Ladies
UDABA: Zukiswa Tshaka
ISITHOMBE: Twitter

Kuzobuya injabulo kubadlali bebhola elikhokhelayo besifazane njenfgoba imidlalo yeHollywoodbets Super League seyizobuyela enkundleni.

Le midlalo ike yamiswa kulandela ukuqubuka kabusha nangamandla kohlobo lweCovid-19 olubizwa ngeDelta.

Ukumiswa kwayo kwakuhambelana nemibandela nemithetho yokunyuselwa kwezwe esigabeni sesithathu esinemithethi eqinile sokuvalwa kwezinto.

Kodwa njengoba kuthe ngoJulayi 25 izwe labuyiselwa esigabeni esijwayelekile sesithathu nesivumela ezinye izinto ukuba ziqhubeke, kwathathwa isinqumo sokuthi nemidlalo iqhubeke.

Abahleli bale ligi, okuyiSouth African Football Association (Safa) ngokubambisana nabaxhasi nezinye izinhlaka banqume ukuba kuqhutshekwe.

Bebehlangane ngoLwesihlanu ukubhunga ngalolu daba. ISafa beyivele iwakhulule ekuqaleni kweviki elidlule amaqembu ukuthi aqalise ngokuzicija.

Ukubuyela enkundleni kwale midlalo kuqondane kahle ngenyanga la kubungazwa khona abesifazane kuleli. Imidlalo eyayivele isalele emuva izoqala kule mpelasonto bese eminye iqhubeke ngo-Agasti 14.

“Sijabule ngokubuya kweHollywoodbets Super League,” kusho isikhulu esibhekele ukusebenza kwiSafa, uLydia Monyepao.

“Imidlalo izoqala ngempelasonto ezayo kulandela ukwelulekwa yiCMO (Chief Medical Officer) nokubonisana nabaxhasi bethu nabe-SABC.

“Nginesiqinisekiso sokuthi kukhona amaqembu abevele esenentshisekelo futhi esezimisele yokuqhubeka nemidlalo emasontweni edlule.

“Ekuthatheni lesi sinqumo sikhumbule ukuthi ubhubhane lusakhona ngakho ke sicele wonke amakilabhu ukuthi acophelele imigomo yezempilo nokuphepha ngengokwezincomo kweCMO yethu.”

FUNDA NALA: IBaroka ibakhombe indlela ababuye sekwedlule isikhathi eholidini

Omphetha abavikela isicoco, iMamelodi Sundowns Ladies bazoya eFree State ukuyodlala neTsunami Queens ngomhla ka-7 kwephezulu emdlalweni owahlehliswa ngoJulayi.

Lokhu kwakulandela ukuthi abanye babadlali beSundowns babebizelwa eqenjini lesizwe iBanyana Banyana.

IMa-Indies ngalolu suku izokwamuleka i-University of Western Cape eGiyani Stadium. NgeSonto, ngomhla ka-8 Julayi, iJWV Ladies izobambana ngezihluthu neCoal City Wizards eTsakane Stadium.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.