Ibuyela esokeni elidala iKappa iKaizer Chiefs ehlukane neNike

Ibuyela esokeni elidala iKappa iKaizer Chiefs ehlukane neNike
UJessica Motaung weKaizer Chiefs nezikhulu zakwaKappa

 

IKaizer Chiefs seyizogqoka izimpahla zeKappa kusukela ngesizini ezayo kulandela ukuphela kobudlelwano phakathi kwayo neNike. 

Isivumelwano seminyaka emihlanu sokusebenzisana kweChiefs neKappa sisayinwe ngoLwesine ntambama. 

Ekhuluma ngemuva kwalesi sivumelwano, uJessica Motaung ophethe uphiko lokumakethwa kweqembu uthe bajabule ngokuphinde basebenze neKappa. 

Le lebuli yiyo iyasiza iChiefs ibe ngelinye lamaqembu ayivulandlela ezimpahleni zokudlala ngasekuqaleni kweminyaka yo-1990. 

“IKappa, njengayo iChiefs, iyilebuli elihlukile nelidlisa ngezitayela ezihlukile futhi ingenye yahamba phambili ebholeni lomhlaba. 

FUNDA NALA: UHunt usola ukutotoswa kwabeDStv ngokumiswa kwemidlalo yePSL

“IKappa seyike yasebenzisana namaqembu amakhulu emhlabeni jikelele,” kusho uJessica. 

Uthe lesi sivumelwano asibuyisi nje umlando weKzier Chiefs kuphela kodwa siphendla nendlela eya phambili. 

Isikhulu esiphezulu kwiKappa uMichael Joseph uthe ukusebenzisa neChiefs yinto asebenesikhathi beyifisa. 

“Kusukela sabuyisa iKappa eNingizimu Afrika nesifuna ukuphinde sisebenzisane neKaizer Chiefs,” usho kanje.

Njengamanje iKappa igqokisa iSekhukhune United kwiDStv Premiership kanti emazwenjini aseNdebeni yoMhlaba eQatar yiTunisia. 

– Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *