Ibuyele ekhaya idumele iSekhukhune ephucwe iqhatha emlonyeni

ULwandile Mabuya noMcClive Phiri

OKADONGA GUMBI

Bese kusele kancane ikhale impempe, uphele umdlalo bese iSekhukhune United siphume namaphuzu agcwele ngesikhathi iRichards Bay ishaya igoli lokulinganisa eliqinisekise ukuthi kuyacazelwana ngamaphuzu.

Ukuwina kweBabina Noko bekuzoyibuyisela endaweni yesibili bese isala emuva ngephuzu elilodwa kwiBay njengoba sekusele imidlalo emihlanu isongwe isizini kwiGladAfrica Championship.

Kodwa ukudlala ngokulingana kushiye leli qembu likaMcDonald Makhubedu endaweni yesithathu kanti lisele ngamaphuzu amahlanu kwiNatal Rich Boys ebonakala iphelelwa wumoya seyisondele entanjeni.

Lo mdlalo obubhekwe ngabomvu ubuseMhlathuze Sports Complex eRichards Bay ngeSonto ntambama, kanti ukube iqembu lasekhaya liwunqobile ngabe liqhele kakhulu manje ezimbangini zayo kulo mjaho wokwenyuselwa kwiDStv Premiership.

EzikaSimo Dladla ziwuqale kahle umdlalo, uSomila Ntsundwana wazibeka phambili ngomzuzu ka-41, okuyigoli okuyiwe ekhefini zihamba ngalo phambili.

Nokho ibuyile iBabina Noko ngomzuzu ka-67, uSello Motsepe washaya elokullinganisa.

UPrince Nxumalo, obewuhlupho efana nephela endlebeni esitobheni zeBay, ulibele phambili leli qembu laseLimpopo ngomzuzu ka-77.

Nokho kuthe sekusele imizuzu eyisithupha, nezikhulu zeSekhukhune sezimincele ukuba uphele umdlalo, uThabani Dube wayephuca amaphuzu amabili, wathi okungcono iqembu ngalinye aliphume nelilodwa.

Lo mphumela ushiye iRoyal AM, esanda kushaywa yiBay kwaduba isikhulu sayo uShaun Mkhize, isendaweni yesibili kanti isele ngamaphuzu amabili kwiRich Boys.

Ngasemsileni khona, sekuyacaca ukuthi yimaphi amaqembu angase asusuluzwe yizembe njengoba esalokhu etabalasa ndawonye kuhle kweloli lomoba liqwala uNdundulu.

IBizana Pondo Chiefs, esemsileni, izamile njengoba ibambane neFree State Stars ngo 1-1, osekuyenza isale ngamaphuzu ayisikhombisa ekuphumeni odakeni.

ICape Town Spurs yona idudulelwe emseleni ngomkhaya bayo iCape United eyishaye ngo 2-0.

Imiphumela yangempelasonto: Cape Town Spurs 0 Cape United 2; University of Pretoria 0 Pretoria Callies 0; Richards Bay 2 Sekhukhune 2; Bizana Pondo Chiefs 1 FS Stars 1; JDR Stars 0 Polokwane City; Royal AM 3 Uthongathi 1; Cape Town All Stars 1 TS Sporting 0; Jomo Cosmos 0 Steenberg United 1

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *