Ibuyele ekhaya kwi-Arrows indodana ‘ebilahlekele’ kwiDowns

UDivine Lunga weGolden Arrows
Sihle Ndlovu

Usebuyele kwiLamontville Golden Arrows uDivine Lunga othengwe yiMamelodi Sundowns ekuqaleni kwesizini edlule kuleli qembu laseThekwini.

Lokhu kuqinisekiswe iyona i-Arrows eveze kwiTwitter ukuthi ibuyele ekhaya indodana yolahleko.

“Siyakwamukela ekhaya McGyver. Obuyela kubafana abagqoka okuluhlaza nokusagolide, ngesivumelwano sokubolekiswa yiMamelodi Sundowns, akekho omunye ngaphandle kukaDivine Lunga ozogqoka ijezi lakhe unombolo 3,” kusho i-Arrows kwiTwitter.

Ngokomthetho weSundowns uma mdlali wayo ebolekisiwe inkontileka yakhe iyama. Lokhu kuchaza ukuthi uma esenenkontileka yeminyaka emibili uyothi uma ebuyela eChloorkop aqhubeke lapho. Uma ebolekiswa futhi iminyaka emibili esuke isele iyama.

ULunga ukuthole kunzima kakhulu ukuqala imidlalo kwiSundowns njengoba le ndawo kugiya kuyona uLyle Lakay. Ngaphezu kwalokhu kukhona u-Aubrey Modiba obe nesizini enhle kakhulu ngedlule.

Nokho ukubuyela kwi-Arrows kukaLunga kuzobasiza kakhulu Abafana Bes’thende abazama ukuqala isizini kahle ngemuva kokuphuthwa yiTop 8 ngeyedlule. I-Arrows izovula imidlalo yeDStv Premiership ngokubhekana neRichards Bay FC, ePrincess Magogo Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.