Ibuyele eqhulwini iRichards Bay ishaya ezikaMalesela

USomila Nsundwana weRichards Bay

OKADONGA GUMBI
Usesheshe wawuthola umsebenzi uDan Malesela osanda kuxoshwa kwiChippa United kodwa iRichards Bay imbingelele ngenduku njengoba esekwiCape Town All Stars. INatal Rich Boys iyiguqise ngo 2-1 i-All Stars emdlalweni weGladAfrika Championship eParow Park Stadium ngoLwesibili ntambama.
Amagoli eBay ashaywe ngoSomila Nsundwana noKhanyisa Mayo kanti elokubika ekhaya leGugu leKapa ilbaselwe enethini nguRonaldo Maarman. Lo mphumela usubuyisele ezikaSimo Dladla eqhulwini njengoba sezinamaphuzu angu-35 ngemuva kwemidlalo engu-20.
Khonamanjalo, iBizana Pondo Chiefs seyiphinde yaqinisa iqembu ngoDeolin Mekoa noShaquille Abrahams njengoba izama ukusuka ezembeni. Ibisanda kusayina noMasibusane Zongo kanti ilande noClinton Larsen ukuzoqeqesha.
“Siyabamukela bobabili laba badlali. Bafike ngesikhathi sisenkongeni impela. Sinethemba kokuthi bazongena khaxa eqenjini bese besisiza kule midlalo esele,” kusho usihlalo weChiefs, uNkosinathi Mqokiyane.
UMekoa wazakhela igama ekwiMaritzburg United kodwa wahamba kabi kuleli qembu, wajoyina i-Ajax Cape Town ngesizini edlule.
Imiphumela yangoLwesibili: Polokwane City 0 Pretoria Callies 1; Free State Stars 0 Jomo Cosmos 2;
University of Pretoria 2 Steenberg United 0; Cape Town All Stars Richards Bay 2
Imidlalo yangoLwesithathu: CT Spurs v TS Sporting; Uthongathi v JDR Stars; Pondo Chiefs v Cape United; Royal AM v Sekhukhune United
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.