Ibuyele odakeni sekuthembisa ukuthi iyaphuma iChippa

UNyiko Mobie noNdumiso Mabena

OKADONGA GUMBI

Beyisithembile iChippa United ukuthi izoke iphume ezindaweni zezembe bese iba nethuba elingcono lokugcina isindile. Kodwa izinto zijike esiwombeni sesibili, iBloemfontein Celtic iyidudulela khona emgodini.

ICeltic ikwenze lokhu ngokubuya kade seyilandela ngemuva ngo 1-0, yagcina iwine ngo 2-1, yabe seyigxuma yeqa iKaizer Chiefs. Lokhu kufake nalezi zinkunzi zasegoli eduze nogibe olucushwe yindoda yezembe.

IChippa isahlezi endaweni ka-15, kanti manje seyisalele emuva ngamaphuzu amabili kwiStellenbosch nayo ehlulekile ukuthola amaphuzu ibambana neSwallows.

Umdlalo – obuseSisa Dukashe Stadium, eMdantsane, bewulingana, zombili kuboanakala ukuthi ziwafuna ngampela amaphuzu. Bobabili onozinti – uJackson Mabokgwane kwiCeltic, no-Ismail Watenga kwiChippa bebelokhu bebhekwa ukuthi basabhekile yini. Bawenze kahle umsebenzi.

Kodwa uMabokgwane ugcine egqobhokile ngomzuzu ka-38. Umnyakazo omuhle weChilli Boys uphelele kuKurt Lentjies, obe eselibeka kamnandi phambi kukaMduduzi Sibeko ovele washaya elsihle ishodi, walizama ukunwebeka uMabokgwane kodwa wanaglifica.

Nasesiwombeni sesibili iChilli Boys iwubambe kahle umgqigqo futhi beyibukeka izowathola amaphuzu amathathu abezoyisusa endaweni yezembe. Kodwa izinto zibhimbile ngomzuzu ka-56, uTebogo Maema uyibuyisele emdlalweni iPhunya SeleSele eshaya igoli lokulinganisa.

Kuthe la seyizama ukuphinde ihambe phambili iChilli Boys, futhi kungathi kuzolunga, laphinde lopha. Kulokhu kube nguNdumiso Mabena obeka inxeba eliyikhonkobalisile iChippa.

Yize izamile ukubuya iChippa, isilwela ukuthi noma selingaphuma nephuzu elilodwa okungenani. Nokho bekunzima njengoba neCeltic beyazi ukuthi izobuyela ezindaweni zezembe uma ike yawadedela lamaphuzu ebisiwaphethe ngesandla.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.