Ibuyile iBM emmnyama yeKaizer Chiefs koweMTN8 noSuthu

Ibuyile iBM emmnyama yeKaizer Chiefs koweMTN8 noSuthu
UCaleb Bimenyimana weKaizer Chiefs

 

Ugcine eluleme umgadli weKaizer Chiefs ongaconsi kubalandeli baleli qembu kulezi zinsuku uCaleb “BM emnyama” Bimenyimana.

Bekunokungabaza ukuthi lo mgadlo omude waseBurundi uzobe esekulungele yini ukudlala lo mdlalo womlenze wesibili kweyandulela owamanqamu kwiMTN8.

Lo mdlalo useMoses Mabhida Stadium eThekwini kanti uqala ngo-3.30 ntambama. Ozowina kuwo nguye ozobe eseyobhekana ne-Orlando Pirates kowamanqamu.

UBimenyimana akadlala emdlalweni weligi phakathi beviki la iKaizer Chiefs ibambane khona neTS Galaxy ngo 2-2.

Bekucaca kulo mdlalo ukuthi kunzima ukuthola amagoli kuyo kodwa abuya kancane amathemba uma sekukora u-Ashley Du Preez.

FUNDA NALA: Baqedane ngequpha abalandeli beSundowns ngemuva kwesibhaxu sePirates

Ukubuya kwakhe kuyawenyusa amathuba okuthi leli qembu laseSoweto kube yilo elidlulayo kulesi sigaba liye kowamanqamu.

UBimenyimana useshaye amagoli ayisithupha kwiligi okukhona kuwo namathathu awashaya emdlalweni owodwa bebhekene neStellenbosch FC.

Umqeqeshi u-Arthur Zwane ukuvezile ukuthi kumanje bayaqhubeka nomkhankaso wokufuna abanye abagadli ngoba akafuni bathembele kuBimenyimana yedwa.

U-Itumeleng Khune yena akakelulami futhi kusangenzeka ahlale isikhathi eside impela engekho njengoba athinteka edolweni.

UKhune wakhishwa esesohlwini lwabaqala umdlalo ngoba ekhala ngobuhlungu edolweni kuzodlalwa neGalaxy ngoLwesithathu.

Epalini u-Arthur Zwane ubophele uBrandon Petersen obuyiswe kade eselivini yokuyokweseka umkakhe obebeletha.

Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *