Ibuyise ithemba iBafana ishaya i-Uganda

UMBIKO: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika livuke emaqandeni lashaya i-Uganda ngo 3-2 emdlalweni wobungani e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoLwesine.

IBafana ayiqalanga kahle neze kulo mdlalo njengoba ibibukeka ididekile futhi idlala sengathi ayazani nhlobo.

Okuhlalukile ukuthi umqeqeshi uHelman Mkhalele ubedlalisa abafana abancane iningi labo elingakaze liyidlalele iBafana.

Kulo mdlalo iBafana ibidlala sengathi iyazijimela nje ngesiwombe sokuqala, futhi ibibukeka icobekile kakhulu.

Ibihlangene futhi ikuthola kunzima ukufika ukufika emapalini e-Uganda. Ngaphezu kwalokho ibilahla ibhola sengathi iyona into ebiyingenele enkundleni leyo.

Ukubamba iyeka kweBafana kusheshe kwayihlawulisa kanzima ngesikhathi u-Ibrahim Orit engqofela phakathi igoli ngomzuzu k-17, wasala eneke amanabukeni uRonwen Williams. LO nozinti nguye obengukaputeni kulo mdlalo.

Okuhlaluleke ngokungena kwaleli goli ukuthi iBafana ibizithele ngabandayo kakhulu ekuvimbeni emuva yize abadlali bayo bebegcwele ebhokisini.

Kucishe kwaba u 2-0 ngokushesha kodwa ibhola ebelishaywe umdlali wase-Uganda laphuma kancane eceleni kwepali. Nalapho kusize uWilliams ophume emapalini akhe wazama ukuthikameza umgadli we-Uganda.

Kuzicacele bha ukuthi ibafana ibingekho nhlobo ngesiwombe sokuqala. Kuze kwayiwa ekhefini ingazange ikhahlele nakanye ibhola eliphume eceleni nomake elivinjwe ngunozinti. Ibizishayela angamaqanda uma kubhekwa kulokho.

Ngesiwombe sesibili iBafana izamile ukubuya nokubhukula. Ibisikhombisa ukuthi iyiqembu lasekhaya futhi iphaselana kangcono uma kuqhathaniswa nesiwombe sokuqala.

Lokhu kuholele ekutheni ishaye igoli lokulinganisa elize no-Evidence Makgopa, ongomunye wabadlali abebeqala ukugqoka imibala yeBafana.

Iphinde yalitapeta kangcono iBafana ikhombisa ukuthi ayifuni ushayelwa ekhaya kulo mdlalo. Kugcine kulungile ngesikhathi uBongokuhle Hlongwane eshaya igoli, lahamba phambili okokuqala iqembu lasekhaya ngo 2-1.

Uphinde wabuya futhi uMakgopa washaya igoli lesibili kwaba ngu 3-1, kwacaca ukuthi iBafana isizidlela amahlanga. Igoli lokugcina elishaywe yi-Uganda ekugcineni alizange lisasho lutho kakhulu.

Email: Editor@impempe.com 
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *