Ibuyise ithemba iChiefs iwina kwiChampions League

Abadlali beKaizer Chiefs bejabulela igoli lika-Erick Mathoho emdlalweni weChampions League
OKADONGA GUMBI
Ukukhululeka bekubhalwe ebusweni kumqeqeshi weKaizer Chiefs, uGavin Hunt, ngesikhathi kukhala impempe yokuqeda umdlalo eFNB Stadium ngoMgqibelo ebusuku.
Phela Amakhosi abekade ethole iwini, okuyinto eyivela kancane kuleli qembu kulo nyaka. Nokho isikhalo angaba naso uHunt ngesokuthi bebengashaya inqwaba yamagoli kulo mdlalo kwazise bebeyithole ishibhile iPetro de Luanda.
Leli qembu lase-Angola likhombisile ukuthi kungani lisemsileni futhi lisahlulwe kuyo yonke imidlalo yalo esigabeni samaqoqo kwiCAF Champions League. Alizange nakancane likhombise ukuba yiqembu elinganika Amakhosi inkinga.
Le wini inike iChiefs ithemba lokuthi isengadlulela esigabeni esilandelayo njengoba seyinamaphuzu amane – iyalingana neHoroya Athletic kodwa leli qembu laseGuinea lingaphezulu ngenxa yesibalo samagoli.
IChiefs isheshe yangena egiyeni kulo mdlalo futhi yiyo ebiwuphethe, ikhombisa ukuzimisela ngokuwola amaphuzu agcwele okokuqala kulesi sigaba.
Nokho kuyithathe isikhathi ukuthi ithole igoli kanti kube nguMulomowandau Mathoho – obesenesikhashana engabonakali kwiChiefs – oqhamuke nesixazululo.
Bekungumzuzu ka-30 ngesikhathi lo mdlali omude engqofa ibhola obekukade kuyikhona egotshwe nguNkosingiphile Ngcobo, lakhala enethini.
Ibingawathola namanye amagoli iChiefs njengoba beyidlala kahle futhi ihlasela ibuyelela emapalini ezivakashi zayo. Nokho kuze kwayiwa ekhefini isenelilodwa.
Nasesiwombeni sesibili bekuseyiyo iChiefs ebiphethe umdlalo kodwa kucace ukuthi akekho umgadli njengoba bekuwuLebogang Manyama odlala phambili kwazise oSamir Nurkovic noLeonardo Castro bebengekho.
Icishe yalithola elesibili ngomzuzu ka-61 kodwa uDaniel Cardoso waba nebhadi ibhola lakhe lizishayisa epalini eseqedile ngonozinti.
Ngomzuzu ka-67, uHappy Mashiane udlale ngethuba evele eliqondisa kunozinti ibhola esebhekene naye kuphela.
Nokho ubuye walilungisa iphutha lakhe ngomzuzu ka-79, edabula phakathi kwezitobha zeLuanda qede wayolishiya enethini ibhola.
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *