Ibuyise izinduku iChiefs kwiPirates

USamir Nurkovic eshaya igoli leKaizer Chiefs kowomkhaya

OKADONGA GUMBI

IKaizer Chiefs ikuqedile ukuzitamuzela kwe-Orlando Pirates kuyo iyishaya ngo 1-O emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium ngeSonto ntambama.

Bese kungumdlalo wesine phakathi kwalamaqembu kule sizini kanti iPirates ibiyiwine yomithathu edlule.

Kodwa ukubusa kwayo kufike ekugcineni, Amakhosi eyijikela kungazelele muntu kwazise ifomu yawo ibingagwinyisi mathe ngaphambi kwalo mdlalo.

IPirates ebilibamba kangcono ibhola, kodwa kube iChiefs enamathuba angcono, uHappy Mashiane uyeke imbuzi yethuba ngomzuzu ka-20, eshaya into ephuphile kade epotshozelwe uBenard Parker ibhola elihle.

UMashiane uvele watatazela esebhekene noSiyabonga Mpontshane qede washaya into engayindawo ayibambe kalula unozinti.

Emizuzwini emithathu ukusuka lapho, uSamir Nurkovic naye uthole ithuba enikwa isikhathi sokuphenduka mgaphakathi ebhokisini leBucs, kodwa ibhola lakhe laphuma eceleni.

IBucs nayo beyihlasela kodwa ihluleke ukwakha amathuba acacile uma seyibheke emapalini eChiefs.

UMpontshane nguyena nozinti obesebenza esiwombeni sokuqala futhi ubewenza kahle umsebenzi wakhe njengoba Amakhosi abephunyuka odongeni lwasemuva lweBucs.

UThulani Hlatshwayo, osheshe wazitholela isexwayiso sekhadi eliphuzi, uqhamuke sekuvalwe amehlo ngomzuzu ka-41, evimba ibhola ebelivundla nenkundla phambi kwepali likaMpontshane lifuna uNurkovic.

Ngomzuzu ka-47, uVincent Pule ubheke unozinti weChiefs ukuthi usakhona yini, edonsa intambo ekude kodwa walivimba uDaniel Akpeyi lelo bhola.

Izitobha zeBucs zivele zashaya uzamthilili ngomzuzu ka-53, zahlulwa ukususa ibhola elilula, lagcina liwela kuNurkovic waligqosha lawela enethini.

IPirates ithole ithuba ngomzuzu ka-67, kodwa izitobha zeChiefs zagxuma zahlala izithonto kuPaseka Mako, zamvimba ukuba angakhahleli.

UFortune Makaringe naye uthole ithuba ngomzuzu ka-68, kodwa akangakwazi ukuqondisa ibhola lakhe epalini.

UNurkovic uthole elihle ithuba ngomzuzu ka-79, ebekelwa imbuzi kuthiwa hlaba udle nguMashiane kodwa wavele walibhamuza ibhola lakhe laphuma kude nepali.

IPirates izame yadela ukubuya ngasekugcineni kuyikho ukuthi mhlawumbe nenhlanhla ibingekho.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.