ICaf ingase incenge uVictor Gomes angayeki ukushaya impempe

 ICaf ingase incenge uVictor Gomes angayeki ukushaya impempe
Unompempe wakuleli uVictor Gomes

 

Unompempe wakuleli othathwa njengophambili uVictor Gomes usenqume ukuthatha umhlalaphansi kulo msebenzi wakhe omakhela izitha nabalandeli ngokufanayo. 

Kubikwa ukuthi uGomes usefake incwadi kwiSafa azisa umengameli wayo uDanny Jordaan ukuthi uma esebuya eNdebeni yoMhlaba eQatar ngeke esaqhubeka nempempe. 

Ungomunye wonompempe abazobe bedlalisa kule ndumezulu ezoqala ngoNovemba 20 ize isongwe ngoDisemba 18.

UGomes ukwenza lokhu nje usasalelwe yiminyaka engaphezu kwemihlanu ngokwebekelwe onompempe ukuthi bashiye kulo msebenzi.

Emidlalweni yamazwe ngamazwe akavunyelwe unompempe ukudlula eminyakeni engu-45 kodwa keyeligi yasekaya engafika ku-47. 

UGomes njengamanje yena uneminyaka engu-39 njengoba esefuna ukushiya nje kanti ngokokubika kweSABC Sport iCaf ingase imncenge ukuthi aqhubeke. 

Kuthiwa enye yezinto eyenza lo nondweba afune ukushiya manje wukuthi unebhizinisi lakhe eliza kahle neselidinga ukuba alinake ukuze likhule ngokugcwele. 

Ngokombiko, uVictor Gomes ngomunye qonompempe iCaf ethembele kubo ikakhulukazi njengoba kuzoqala neSuper League ngo-Agasti ngonyaka ozayo. 

UGomes nguye obenikwe yiCaf umdlalo wamanqamu kwi-Africa Cup of Nations ngoJanuwari ngoba eyisethenjwa. 

FUNDA NALA: Usefuna ukuhamba kwiPirates umdlali oseligcina ukulibona linekiwe ijezi

Kuzokhumbuleka kulo mdlalo ehilizisana noMoh Salah eze ekhombisa ukuthi uzomnika impempe azishayele yena uma ekhalaza njalo. 

Waphinda wanikwa owamanqamu kwiCaf Champions League eMorroco maphakathi nonyaka ngakho belu ukuthi uwenza ngesinono lo mdlalo. 

Uma egcina ngokuyeka, umdlalo wakhe wokugcina kuleli kuzoba ngowomkhaya baseSoweto i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs abewudlalisa ngempelasonto edlule. 

Nokho igama lakhe lizongcoliseka kwazise wehluleka wukubona ukuthi kudlaliswe kabi uNdabayithethwa Ndlondlo ngaphambi kokuthi uKhama Billiat athole ibhola elagcina ngegoli leChiefs. 

Nokho kusangenzeka anikwe nomdlalo wamanqamu kwiMTN8 ozodlalwa yiPirates naMaZulu FC ngoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium.

Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *