ICameroon izobhekana nomqansa kwiSwitzerland enamava kweyoMhlaba

Umqeqeshi weCameroon uRegobert Song

 

Umdlalo weNdebe yoMhlaba ka-2022 phakathi kweSwitzerland neCameroon uzobe ubhekwe ngabomvu abalandeli bebhola base-Afrika kanjalo namaphanta.

La maqembu azobe eqala ngqa ukutholana phezulu emlandweni. Okwesibili kuphela iSwitzerland ibhekana neqembu lase-Afrika kwiNdebe yoMhlaba – ishaye iTogo ngo 2-0 emidlalweni yamaqoqo ngo-2006 eGermany.

ISwitzerland seyizibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba okwesi-12 kulandela ukuqeda eqhulwini eqoqweni layo, ngaphezu kwe-Italy engabonwa kwiNdebe yoMhlaba kulokhu. Okwesihlanu kulandelana idlala kwiNdebe yoMhlaba nokwenza kube yisikhathi eside kunazo zonke ilokhu ikhona emqhudelwaneni.

ISwitzerland ayikaze ishaywe emdlalweni emdlalweni wokuqala weNdebe yoMhlaba eminyakeni emihlanu, selokhu yabhaxabulwa ngo 5-0 yiGermany ngo-1966. Seyiqede phezulu kanye kuphela eqoqweni layo kwiNdebe yoMhlaba. Lapho kungesikhathi yaba yilona qembu, kuze kube yimanje, elingadedelanga magoli kwiNdebe yoMhlaba emidlalweni emine.

Ngasohlangothini lweCameroon seyingene kwiNdebe yoMhlaba okwesishiyagalombili okuyizikhawu eziningi kunawo wonke amaqembu ase-Afrika. Seyidlale imidlalo  eminingi (23) kunawo wonke amaqembu ase-Afrika kwiNdebe yoMhlaba.

INigeria yilona qembu elisashaye amagoli amaningi (23) kunawo wonke amaqembu ase-Afrika kwiNdebe yoMhlaba, kanti kulandela yona iCameroon ngawu-18. ILions inethuba lokwephula irekhodi leNigeria njengoba ingekho kwiNdebe yoMhlaba ka-2022.

Umdlalo ungoLwesine ngo-12 emini e-Al Janoub Stadium, eQatar. Komunye umdlalo ozobhekwa abase-Afrika iPortugal izobhekana neGhana eStadium 974 ngo-6 ntambama.

Sdina Ngubo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *