ICape Town City ingase ingadlali ibhola elihle kwiChiefs: Tinkler

ICape Town City ingase ingadlali ibhola elihle kwiChiefs: Tinkler
UCraig Martin, Mduduzi Mdantsane noBradley Ralani
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

ICape Town City yaziwa ngokudlala ibhola elihehayo kusukela yafika kwiDStv Premiership.

Kodwa ngoMgqibelo uma seyigadulisana neKaizer Chiefs eFNB Stadium kungenzeka iyeke ukudlala kahle, idlalele ukuwina.

Lokhu kuvezwe umqeqeshi wayo u-Eric Tinkler ngesikhathi ekhuluma ngalo mdlalo wabo obhekwe ngabomvu.

IChiefs isefomini enhle kanti yenza kube nzima emaqenjini ebhekene nawo ukuthi adlale ngokukhululeka selokhu kwafika uStuart Baxter.

Ngisho iMamelodi Sundowns ebophele izibabuli phambili yaze yayishaya kumaphenathi kwiMTN 8.

Ne-Orlando Pirates yayihamba phambili ngokuphathwa komdlalo kowomkhaya baseSoweto kodwa kwagcina kuwine iChiefs.

Maningi namanye amaqembu asebuye enxapha wodwa kwiChiefs ngenxa yebhola layo eligxile ekumakeni emuva bese idedela uKeagan Dolly nabangani bakhe phambili.

“Sesiqalile vele ukulungiselela lo mdlalo weChiefs,” kusho uTinkler ngoLwesine.

“Sizobhekana neChiefs esefomini futhi ethola imiphumela emihle muva nje.

“Uma uzodlala neChiefs uma ungumqeqeshi awuzikhathazi kangako ngokufaka abadlali umfutho.

“Bavele banomfutho abanawo kwazise bazobhekana neqembu elinegama elihle njengeChiefs.”

Lo mqeqeshi owaqala kwiPirates ukuqeqesha ukhale ngokuthi ezakhe bezingekho egiyeni ngesikhathi zibambana neTS Galaxy ngo 2-2 ngempelasonto edlule.

Nokho unethemba lokuthi zizobe sezingcono kakhulu kulo olandelayo ngenxa yobukhulu bezimbangi.

“Sibuya emdlalweni esidumalile kuwo ngoba sidlale ngokulingana neTS Galaxy…

“Ngokujwayelekile uyaye ujabule uma ubuye nephuzu ekuhambeni kodwa thina aseneme neze.

“Ngaphoxeka ngendlela esangenelwa ngayo amagoli, nabadlali baphoxeka nabo ngokuthi asibuyanga namaphuzu agcwele.

 “Nokho lokho ngikubuka ngeso elihle. Kusenza sikulambele ukuwina ukuze sifeze izinhloso zethu zesizini.

“Kumele sifike kwiChiefs sesizihlele kahle… Saphoxeka ngendlela esidedele ngayo amagoli kwiTS Galaxy.

“Sike sangangenelwa goli sibhekene namaqembu anzima kakhulu njengeSundowns kanje.

FUNDA NALA: UJordaan ucicekile, wagadla kwabaseGhana ebabiza ngamavukane

“IChiefs ibukhali phambili la ehlome khona ngoKeagan Dolly, Bernard Parker noLebogang Manyama.

“Yingakho ke kumele sivalisise emuva,” kuchaza uTinkler.

Uthe lokho akumele nokho bakufake kakhulu ekhanda.

“Kodwa kumele siyodlala ngaphandle kokwesaba, sizethembe.

“Siyiqembu elithanda ukudlala ibhola elikhangayo futhi sifuna ukuqhubeka nalelo siko.

“Kodwa kwesinye isikhathi kumele udlale kabi, udlalele ukuwina nje kuphela ukuze uqoqe amaphuzu.

“Ngicabanga ukuthi yilesi isifundo esisigxilise kubadlali kuleli viki.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.