ICarling Black Label izowinisa imiklomelo eNanda

Sihle Ndlovu

ICarling Black Label, okungubhiya osuthole inqwaba yemiklomelo, ibungaza ukuthola kwayo umklomelo ka-50 ngokuphisana ngegolide elibiza R2.5 million kubaphuzi bayo.

NgoMgqibelo abahlali baseNanda, eThekwini, bazothola ithuba eliyingqayizivele lokuziwinela imiklomelo. AbakwaCarling Black Label bazovakashela eLeon’s Tarvern, ephakathi eNanda.

Abathandi beCarling Black Lebel Beer abathathu ,abanenhlanhla, bazozithola bewina izindondo zegolide ezibiza R50 000 iyinye. Okumele ukwenze uma useNanda namaphethelo ukuthi ube seLeon’s Tarvern ngoMgqibelo, phakathi kuka-3 no-6 ntambama.

ICarling Black Label ingabaxhasi beCarling Black Label Cup, edlalwa yiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates njalo ngoJulayi, eFNB Stadium. Ayigcini lapho njengoba iphinde ixhase umqhudelwano webhola lombhoxo iCarling Currie Cup.

Zifikele mathupha eLeon’s Tarvern ukuze uthole ukuthi yini okumele uyenze ukuze uwine indodo yegolide ebiza R50 000. Konke kuzochazelwa abazongenela ngoMgqibelo

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.