ICeltic inqwaha noLuthuli obefunwa uthuli yiChiefs neSundowns

ICeltic inqwaha noLuthuli obefunwa uthuli yiChiefs neSundowns
USiphelele Luthuli
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Usihlalo weBloemfontein Celtic, uMax Tshabalala ushaya phansi ngonyawo uthi amaqembu acathamela umdlali wakhe, uSiphelele Luthuli awakhohlwe – ngeke amthole.

ULuthuli usemataniswe namaqembu amaningi amakhulu okuthiwa ayamhalela futhi ayazama ukuxoxa neCeltic ukuthi imdedele eze kuwo. Kodwa ekhuluma neMpempe ngoLwesibili, uTshabalala uthe ngeke bamdedele.

“Njengoba sibhekene nesimo sokungakwazi nje ukuthenga abadlali amawindi amabili onke, ngeke sikwazi ukumdedela okwamanje. Abebemfuna kuzomele bake bame kancane nathi siyamdinga ukwedlula bona,” kusho uTshabalala.

ULuthuli kuke kwavela imibiko yokuthi ufunwa yiMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs phambilini. ISundowns seyivele isayine uNeo Maema kwiCeltic kule njengoba kuvulwe iwindi lokusayina abadlali nje.

ICeltic ngeke ikwazi ukusayina abadlali kuleli windi nakwelikaJanuwari kulandela isigwebio esifana neseChiefs esinikwe yiFIFA. Yona itholakale inecala ngemuva kokuhluleka ukukhokhela uPatrick Tignyemb imali eyayikweleta yona.

Lo nozinti waceba leli qembu kwiFifa ngoba lingakamkhokheli imali elinganiselwa ku-R3-million elimkweleta yona. IFifa yavuna lo mdlali, kodwa noma kunjalo iCeltic yehluleka ukumkhokhela ngesikhathi owakuvunyelwene ngaso.

UTignyemb ube esebuyela kwiFifa yabe seyihlawulisa iCeltic ngokuyigweba ngokuthi ingabasayini abadlali amawindi amabili. EseChiefs isigwebo esifanayo siphele ngoJuni njengoba seyikwazi manje ukusayina abadlali.

UTshabalala uthe yilesi sizathu esizokwenza bangabe besadedela noyedwa kulaba badlali abasele nabo ngoba lokho kungabafaka enkingeni yokusala bengenalutho.

Impempe nokho isingakuveza ukuthi lo mdlali odabuka eChesterville, eThekwini, usezohlaliswa yinkontileka nje kwiCeltic njengoba inhliziyo yakhe ingasekho khona.

FUNDA NALA: IChiefs seyethule uDube obegijima kwiRichards Bay njengomdlali wayo

Abasondelene naye basihlebele ukuthi iChiefs neSundowns sebeke bathintana nabamphethe bamnunusela ngenkontileka econsisa amathe. “Yena ufuna ukuya kwiChiefs. Ubesezitshelile ukuthi isicelo sayo sokumthenga sizokwamukelwa. Uphoxekile kodwa uzohlala enze umsebenzi ngokuzimisela.

“Ubebona lesi kuyisikhathi esihle sokuya kwiChiefs kwazise iliqala kabusha iqembu ngenxa yokuthi abadlali bayo abaningi sebekhulile.

“Nokusala ngaphandle eqenjini lika-Under 23 eliye kuma-Olympics kumkhathazile kodwa uyakuqonda ukuthi uphazanyiswe wukulimala ngesizini edlule. Ubezitshela ukuthi uzoqokwa njengomunye wabadlali abaneminyaka engaphezu kuka-23,” kusho lo mthombo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *