ICeltic Ladies ifuna ukubamba umgqigqo kwiHollywoodbets Super League

ICeltic Ladies ifuna ukubamba umgqigqo kwiHollywoodbets Super League
ULebogang Makotla weBloemfontein Celtic Ladies
UDABA: Zukiswa Tshaka
ISITHOMBE: Twitter

IBloemfontein Celtic Ladies ngelinye lamaqembu angazinzile kahle kwiHollywoodbets Super League.

Emidlwalweni yabo yokugcina emihlanu, iCeltic Ladies isakwaze ukunqoba iemibili ekhaya, kwathi kwemithathu yasekuhambeni yehluleka ukuqoqa amaphuzu aphelele.

Kulokhu iCeltic ibhekene neRichmond United eyakwazi ukuqoqa amaphuzu emdlalweni wayo wokugcina.

IThunderbirds Ladies, okuyiqembu elizinze eMpumalanga Kapa kulindeleke ukuthi iqhubeke nomgqigqo wayo wokubuya namaqembu ephila.

Nokho kuzobashubela njengoba bezobhekana neMamelodi Sundowns Ladies engezwa mshini.

ISundowns Ladies ishaya nanoma yiliphi iqembu elithuka lizithola liphambi kwayo.

Kuyimanje yiyo ehleli phezulu esicongweni ngamaphuzu angu-37 ngemuva kwemidlalo engu-13.  Lo mdlalo useSisa Dukashe Stadium eMdantsane.

ITshwane University of Technology izozikhotha amanxeba njengoba ngesonto eledlule yashaywa yiSundowns Ladies.

Leli qembu eseliphekwa nguSimphiwe Dludlu lizotholana phezulu neJVW FC e-TUT Stadium.

Imidlalo emibili yeJVW yagcina imisiwe njengoba abadlali baleli qembu babizwa eqenjini lesizwe ebelikwi-Aisha Buhari Cup nokugcine inqotshwe yiBanyana.

Abanye babadlali abahambe phambili uGabriela Salgado nokwaba nguye owafaka igoli bedlala neGolden
Ladies bagcina benqoba umdlalo wabo wokugcina.

I-University of the Western Cape izobhekana neFirst Touch FC eKapa. Leli qembu likaThinasonke Mbuli lashaywa okuqala ngqa emdlalweni wabo wokugcina bedlala ekhaya.

Kodwa lakwazi ukubuya lidlala e-East London labuya namaphuzu ephelele lidlala neThunderbirds.

ICoal City Wizards ihlulwe kumdlalo wabo wesibili ilandelana. Ihlulwe yiGolden Ladies emdlalweni owawukade ubanjelwe eMontshioa Stadium eMafikeng.

Kulokhu ibheke ukuphinda edume ngazo uma idlala ekhaya. Kulokhu iMa’Wizards izotholana phezulu neDurban Ladies engenzi kahle kulesi sigaba.

FUNDA NALA: IPirates ithwele ijoka eliysindayo kwiSundowns

ITsunami Queens neMa-Indies Ladies bona bazovala imidlalo yangoMgqibelo njengoba lamaqembu ezogadulisana eHarrismith.

Ima-Indies ibhekene nesambane njengoba kunzima ukubuya nomphumela emidlalweni eyisishiyagalombili yokugcina.

Nokho ngesonto eledlule bakwazi ukudlala ngokulingana ne-UJ ngegoli abalifaka umdlalo sewuphela ngephenathi umdlalo wagcina uphele ngo 1-1.

Ngaphambilini iTsunami Queens yabhaxwa ngo 5-1 yiMa-Indies. NgeSonto uwodwa vo umdlalo nalapho i-UJ yamukela iGolden Ladies eSoweto Campus.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.