ICeltic neChippa bacazelane amaphuzu emdlalweni wezegemegeme kwiDStv Premiership

ULucky Baloyi weBloemfontein Celtic noMduduzi Sibeko weChippa United emdlalweni weDStv Premiership ophele zibambene

OKADONGA GUMBI

Cishe akekho ozokhala kubo bobabili abaqeqeshi beBloemfontein Celtic, uJohn “Vul’igate” Maduka noweChippa United, uDaniel “Dance” Malesela ngokucazelana amaphuzu emdlalweni obunezigemegeme weDStv Premiership eDr Petrus Molemela Stadium ngoMgqibelo.

Izigemegeme zisheshe zaqala kulo mdlalo njengoba kuthe ngomzuzu wesihlanu, isitobha seChilli Boys, uMduduzi Sibeko wadala iphenathi engenasidingo.

USibeko uvele wezwa ecikeka ukuhubha uLucky “Sheriff” Baloyi obengabhekile ngasemapalini nokho, wabe esemngena ngehlombe ezimbanjeni, wamqumba phansi.

UVictor Letsoalo akalenzanga iphutha, walibeka enethini eshiya u-Ayanda Mtshali eliqalaza ngakwesokudla libe lidle kwesokunxele.

USibeko ubesexhamazela ngemuva kwaleli phutha esedlala nakabi akhande nama-free kick kungenasidingo. Yingakho uDaniel “Dance” Malesela engazange esalilinda ibhadi wamdonsa ngomzuzu ka-38.

Indawo yakhe ithathwe nguThamsanqa Sangweni osayine kwiChippa phakathi neviki. Ngesikhathi esifanayo, noMaloisane Mokhele ukhishiwe kwangena u-Eva Nga Bienvenu endaweni yakhe.

Ngomzuzu ka-42, iCeltic isale ingasaphelele ngemuva kokuthi uTshepo Rikhotso ekhishwe ngekhadi elibomvu kulandela ukuthi edlalise kabi u-Anthony Laffor.

Esiwombeni sesibili, uKurt Lentjies, ongene endaweni kaPeter Maloisane ngomzuzu ka-63, usinde ngenhlanhla ekuphumeni ngekhadi elibomvu ngemuva kokuzenza uJackie Chan ekhahlela uHarris Tchilimbou esifubeni.

Nokho unompempe, uSkhumbuzo Gasa umenzele umusa emnika eliphuzi. Ubesenemizuzu emithathu kuphela engenile ngesikhathi enza lesi sigemegeme.

Ngomzuzu ka-73, u-Eva Nga ubuyisele iChippa emdlalweni eshaya elihle igoli lokulinganisa. Ngemuva kwaleli goli, iChilli Boys iwatholile amanye amathuba okushaya elokuwina kodwa yehluleka ukuwasebenzisa.

NePhunya Selesele nayo ibe nawo amathuba okuthi ibingawawola wonke amaphuzu. Lo mphumela awuwasizanga womabili lamaqembu njengoba esahleli la abevele ekhona.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *