IChampions League: kungani kubalulekile ukuthi iChiefs iyiwine le ndebe

IChampions League: kungani kubalulekile ukuthi iChiefs iyiwine le ndebe
UMBONO
UBHALWE: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Asiqale la, sisuse lesi siphuzi endleleni khona singezosikhuba bese singahambisani kule ngxoxo engifuna sibe nayo. IKaizer Chiefs yilona qembu elibalandeli abaningi kunabo bonke eNingizimu Afrika.

Ngithi angikucacise lokhu yize ngazo abanye benu bavele bayakwazi. Ngiyazi ke bakhona labo abazongiphikisa kulokhu kodwa ngizobafaka kwi-voicemail okwamanje.

Mina ke ngiyilenhlobo esiphosa kuqala isibhakela uma kuliwa, yingakho namanje ngithi angivuthele ngalesi zisuka nje. Kodwa ke, uma usuzama ukuphindisela, ngiyacela empunzini ngakho ngiyacela ke singaphikisani kulokhu.

Nginike nje wena indlebe ngikuchazele ukuthi kungathi ngibona kubalulekile ukuthi iChiefs iyiwine iChampions League. IChiefs isihuzuke kakhulu kule minyaka embalwa edlule, yaphenduka ihlazo elikhulu.

Isimo sibi ngale ndlela yokuthi ingane eyayingakazalwa iChiefs igcina ukuwina indebe, isiyazikhulumela futhi isiyalidlala kwayona ibhola manje. Yebo, impela side kangako isikhathi iChiefs yagcina ukujabula.

Okubi ke wukuthi ngaleso sikhathi nebhola lakithi lehlile kakhulu. Kufana nokuthi sibuyele emuva nje kule minyaka embalwa edlule. Ngiyazi ukuthi iligi yethu ihamba phambili e-Afrika namanje.

FUNDA NALA: UNgcobo uthi abasacabangi lutho olunye kodwa indebe

Yima ke, musa ukuhleka nami sengicishe ngachitha lesi stifu sokugcina ngizihleka ngalokhu engiqeda kukubhala. Okungcono asithi iligi yethu inothe kunawo wonke e-Afrika ngoba… futhi wothi ngingayi lapho.

Ngithi ibhola lethu lime ndawonye ngoba angikholwa wukuthi amaqembu amancane yingoba esenza kahle kakhulu ukuthi asekwazi ukumelana nezinkunzi nje impela kungabi ndaba zalutho.
Kodwa ngibona sengathi lokho kwenziwa wukuthi lamaqembu amakhulu wona ehlelwe yizinga. IChiefs yehlile, i-Orlando Pirates neSuperSport United bajame edanyini, iBidvest Wits yona ivele yafa. YiMamelodi Sundowns kuphela esaphokophele phambili.

Yingakho ke leli qembu laseChloorkop lizidlela amahlanga nje. Ungizwe kahle ke akungoba ngidelela amaqembu amancane, kodwa uma ubheka indlela aphethwe kabi ngayo uzoyibona lento engiyishoyo.

Kodwa uma iChiefs ingayiwina iChampions League le ezoyibanga ne-Al Ahly ngoMgqibelo ebusuku kungajika konke lokho. Lokhu kungayisiza izikhumbule ukuthi iyiqembu elikhulu futhi kumele ihlale yenza izinto ngendlela ekukhombisayo lokhu.

Kule minyaka embalwa edlule iChiefs seyisanise abadlali abakushiya uzibuza ukuthi sekwaba lula kanjalo nje ukugqoka leli jezi esakhula lihlonishwa ngisho linekiwe ocingweni?

Ukuwina le ndebe kuzoyithatha kuyibeke emehlweni abantu iChiefs okuzoyenza ishayelwe izandla bese ivuka ebuthongweni bayo. Mhlawumbe izoqala ukusayina abadlali abanohlonze.

FUNDA NALA: UJerry Sikhosana uyisibonelo okumele abadlali beChiefs babukele kuso

Ukuvuka kwayo kuzovusa nomakhelwane iPirates ngoba uzovuka umbango wokuthi ngubani phakathi kwabo neChiefs neSundowns ozothola inkanyezi yesibili kuqala. Lokhu kuzolinyusa kakhulu izinga ebholeni lakuleli njengoba lamaqembu ezobe esebanga ukungena kwiChampions League isizini nesizini.

Lokho kuyoba nomthelela omuhle nakwiBafana Bafana. Uzokhumbula ke ukuthi ngesikhathi iBafana isadlala ngabadlali ababeqokwe kulamaqembu kuphela yayinjani.

Futhi ke vele qonke amaligi amakhulu emhlabeni anamaqembu amane noma amahlanu ahlezi ebanga izicoco zeligi isizini nesizini. Nakuleli ngeke ke kube yicala uma kubangisana lamaqembu amakhulu wodwa, bese mhlambe naMaZulu aqhamuke ke kulowo mbango.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.