IChampions Match iza nokuhlukile ebholeni lombhoxo

IChampions Match iza nokuhlukile ebholeni lombhoxo
Abadlali bamaqembu ehlukene ngesikhathi kwethulwa iChampions Match
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Sithunyelwe

Kuzodlalwa umdlalo ocisho ufane noweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates weCarling Black Label Cup, kulokhu ebholeni lombhoxo.

ICarling Black Label Cup, engabaxhasi beCurrie Cup neSouth African Rugby bahlanganile ngenhloso yokuklomelisa abathandi bebhola lombhoxo ngomdlalo ozobizwa ngeChampions Match ngoNovemba 6.

Abalandeli bazoqoka iChampion Team okuzohlanganisw akuyo abadlali bawo abaphuma emaqenjini ayisikhombisa adlala kwiCarling Currie Cup.

Leli qembu lizobhekana neqembu elikhulu elizomenyezelwa uma sekusondele umdlalo. Kuthembisa ukuba ngumdlalo wekhethelo.

“Lona ngumbono omuhle kakhulu futhi uzonika abalandeli ithuba lokuzwakalisa ilaka labo ngoba yibona abazokhetha abadlali abazohlanganisa leli qembu,” kusho uJurie Roux oyisikhulu esiphezulu seSA Rugby.

“Ngenxa yeCovid-19 abalandeli bebengavunyelwe ukuyobuka imidlalo ezinkundleni kodwa bebekwazi ukuzwakalisa uvo lwabo ezinkundleni zokuxhumana.

“IChampions Match izokuyisa kwelinye izinga lokhu. Besilokhu sisebenza kusukela ekuqaleni neCarling Black Label futhi sihlanganisa ukuthola iqembu esizobhekana nalo, okuyinto ephazanyiswa yiCovid-19.”

Umqondisi weCarling Black Label Cup u-Arne Rust, uthe: “Ngesikhathi sethula iCarling Black Label njengabaxhasi beCurrie Cup, yemukelwa kahle abalandeli nomphakathi.

“Kubaluleke kakhulu kithina ukuthi sisondeze abalandeli emdlalweni njengoba kula masizini amabili edlule sidlale bengekho abalandeli ezinkundleni.”

FUNDA NALA: UVeluyeke uthi akasabanaki abamhlekayo uma bezwa igama lakhe

Abalandeli beVodacom Bulls, Cell C Sharks, Sigma Lions, DHL Western Province, Toyota Cheetahs, Tafel Lager Griquas neNew Nation Pumas, bazothola ithuba lokukhetha abadlali abangathanda ukubabona kwiChampion Team.

Bazovota emafonini abo (USSD), kwiFacebook nakwi-website yeCarling Currie Cup. Ukuze bavote abalandeli bangathenga ikani elungu-500 ml noma ingudu engu-750 ml ezobe ihlotshiswe ngemibala yeCarling Currie Cup.

Bangavota ngamafoni besebenzisa ikhodi esesinqeni sekani noma ngaphansi kwesivalo sengudu, bashaye u *120*660*ikhodi#.

Ukuvota nge-USSD kumahhala kulabo abasebenzisa iVodacom kanti u-20c kwabanye. KwiFacebook Messenger abalandeli bangavota ngokufaka ikhodi ebhokisini elikhona bese kuvela amagama abadlali abangabavotela.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.