IChiefs ayibanga nazwelo idudulela omakhelwane iSwallows ezembeni

IChiefs ayibanga nazwelo idudulela omakhelwane iSwallows ezembeni
OkaDonga Gumbi

IKaizer Chiefs iyiphoxe seyithembile iSwallows FC ngesikhathi ibuya kade seyilandela ngemuva umdlalo waphela sezibambene ngo 2-2 emdlalweni weDStv Premiership eFNB Satdium ngoMgqibelo ntambama.

ISwallows beyidinga ukuwina noma ukudlala ngokulingana ukuze isinde ezembeni. Nokho beyizodinga nokuthi neTS Galaxy ihlulwe yiChippa United.

Nokho inhlanhla ayibamba khona kwiSwallows njengoba neGalaxy iwinile. Kodwa ke iSwallows isenalo ithuba lokusinda njengoba isazodlala imidlalo yokuhlunga.

Izogadulisana namaqembu akwiGladAfrica Championship i-University of Pretoria neCape Town All Stars ngasekupheleni kwale nyanga.

Lo mdlalo uqale kucaca ukuthi azisabani lezi zinkunzi njengoba bezifikelana zifuna amagoli. ISwallows iyona ebe namathuba amahle futhi bekufanele ilishaye kuqala igoli.

Nokho idlale ngawo amathuba ayo. IChiefs ilithunge kamnandi ngomzuzu ka-20 laphetha ngekhona. Ishaywe uKhama Billiat wayibeka kuReev Frosler obe eseligoba.

Lihlangane noNJabulo Ngcobo obe eselingqofela enethini ephakathi kwezitobha zeDube Birds ezisale zimangele ukuthi kwenzekeni.

Izamile iSwallows ukubuya nangemuva kwaleli goli kodwa kwasho khona ukuthi kwesinye isikhathi nenhlanhla iyadingeka.

UBruce Bvuma ukhombisa ukuba ngunozinti okhaliphile ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala evimba amabhola anzima.

Uqale ngebelingqofwe nguJuaid Sait, walichitha. KUbuye uStrydom Wambi wadedela udalimede weshodi kodwa wanqaba uBvuma.

Ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili iChiefs ibidlala kahle kubhoke uSabelo Radebe obeshaya amaphasi amahle ahlakaza iztobha.

ISwallows ibe seyenza izinguquko, kuphume uLebogang Mokoena noMonnapule Saleng kwangena oJoseph Mhlongo noKhethukuthula Ndlovu endaweni yabo.

Zisheshe zasebenza lezi zinguquko njengoba umnyakazo oqalwe uMhlongo uphethe ngokuthi iSwallows ibekelwe iphenathi.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi uPhathutshedzo Nange evimbe ibhola ebeliya enethini ngesandla unompempe walikhomba emlotheni.

UNange ube esekhonjwa indlela ngekhadi elibomvu, kwasukuma uDillon Solomons wayinamathisela enethini iphenathi.

FUNDA NALA: Umisiwe ngenxa yemvula umdlalo weSundowns neRoyal AM

Kuthe kungakapheli nemizuzu eyishumi kwenzekile lokhu, yaphinda yathola enye iphenathi iSwallows. Kulokhu kube uNgcobo odlale ibhola ngesandla.

Ube esebusiswa ngekhadi eliphuzi, kwabuya yena uSolomons walibeka enethini, yahamba phambili iDube Birds.

Kuthe seyithembile iSwallows, yabuya iChiefs negoli lokulinganisa elishaywe uBernard Parker kade kuyibhola elibekwe phansi phambi kwepali lezitha.

UParker, okungenzeka ubedlala umdlalo wakhe wokugcina kwiChiefs njengoba ephelelwa yonkontileka, ukhombise ubuchule obuzokwenza abaqeqeshi bacabange ngokumbuyisa.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.