IChiefs ibambelele ngezidindi yagcina iyitholile iwini kwiBaroka

iChiefs
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IKaizer Chiefs ikhombise ukuthi ingaba yingozi kanjani esiwombeni sokuqala emdlalweni wayo wesibili weDStv Premiership la ishaye khona iBaroka FC ngo 2-1 ngoLwesithathu kusihlwa.

IChiefs iwuqale ngendlal okufanele ukuthi ubefisa ngayo umqeqeshi uStuart Baxter lo mdlalo. Futhi bekumele ngabe beyisinegoli kusaphele imizuzu embalwa nje uqalile.

Umnyakazo wokuhlasela weChiefs uphelele ku-Oscarine Masuluke othe uzama ukulikhipha ibhola walishumpuza, lawela kuBeranard Parker.

Uthe uyakora kodwa ibhola lakhe lavinjwa nguSipho Sibiya. Kodwa ibhola liphinde lawela phambi komdlali weChiefs.

Kulokhu bekunguSamir Nurkovic kodwa naye wavele washumpuza nje ibhola lakhe layophuma eceleni kwepali.

Lilungisiwe ke kodwa lelo phutha emizuzwini emihlanu ukusuka lapho. Ibhola elide ebelisuka kuPhathutshedzo Nange esiswini lihlangane noNJabulo Blom kwesokudla.

Ube eseligoba lahlangana noKhama Billiat obesesele nomsebenzi olula wokulidudulela enethini. Uwenze kahle kwaba yigoli lokuqala.

IBaroka ilitholile nayo ithuba emizuzwini embalwa ukusuka lapho ngesikhathi unozinti weChiefs uBruce Bvuma ethi ususa ibhola emuva kodwa walipha uRichard Mbulu.

Nokho lo mgadli uvele watatazela wazama ukujika izitobha zeChiefs kodwa zalidla ibhola kwaba wukusinda kweChiefs.

Kuwo lowo mnyama isazama ukubuya iBaroka, iphinde yagqemeka enye ingozi ngomzuzu ka-27.

Ibhola ebeligotshwe nguSifiso Hlanti kwesokunxele lihlangana noDaniel Cardoso walingqofela enethini.  

UBilliat uyeke leli thuba elibizwa ngo ‘dankie’ngomzuzu ka-38 ngesikhathi eshaya into ebheke eceleni esesele nonozinti kuphela obeohambi kwakhe. 

Ube nebhadi nokho uBilliat ngomzuzu ka-45 ibhola lakhe lizishayisa epalini eseqedile ngoMasuluke. Uphinde wadlala ngelinye ithuba nokho emizuzwini eyengezwe ngunompempe.

Ukube amathuba iwasebenzise ngendlela, iChiefs beyizoya ekhefini ihamba phambili nma ngo 5-0.

Iqhubekile nokuhlasela nasesiwombeni sesibili futhi kucaca ukuthi izimisele ngokuthi iwaqhulule abe maningi amagoli.

FUNDA NALA: I-Arrows izame yehluleka ukubuya ishaywa yiSuperSport kabuhlungu

Nokho iBaroka ihlangane kangcono ngesiwombe sesibili futhi bekumele ilithole okungenani iphuzu elilodwa.

KUbe nguDenwin Farmer oyitholela igoli ngomzuzu ka-58, ehlangana nebhola ebeligotshwe kwesokudla kade kuyikhona qede walibasela enethini.

Izamile ke ukuthola elokulinganisa kodwa kwanqaba khona ukwenza iChiefs yabambelela yaze yagcina iyitholile iwini yayo wokuqala kule sizini.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.