IChiefs ibasayinile, bajatshulelwa, kodwa bazofika nani eqenjini?

Ibasayinile iChiefs bajatshulelwa, kodwa bazofika nani eqenjini?
UDABA: OkaDonga Gumbi
IZITHOMBE: Twitter

IKaizer Chiefs ijabulise abalandeli bayo ngendlela yokuthi abaningi sebefisa ngabe isiqalile isizini entsha zivele zikhale. Angithi abalandeli sebejahe ukubona ukuthi abadlali abasha abasayiniwe bazoletha luthi uguquko eqenjini ebelidonsa kanzima kulamasizini ambalwa edlule.

Ngabe bazokwazi ukubuyisa izinsuku zenjabulo? Bazobuyisa izithunzi seqembu ngokuwola izindebe? Lena ngeminye yemibuzo abajahe kuqale isizini ukuze iphenduleke.

Kukhona ke nosduma ngabanye abajahe ukubona ukuthi ngeke yini lezi zibabuli ezintsha zeChiefs zibe yibohlololo njengoba kwenzeka ngoKhama Billiat noSiphelele Ntshangase.

Phela laba bafika bebhekwe ngabomvu kwiChiefs kodwa abazigili izimanga ezazibhekwe kubo. Empeleni nje uNtshangase useze wakhonjiswa indlela ayefike ngayo eNaturena engakaze abajabulise abalandeli.

NoBilliat ubengakafiki ezingeni elilindelwe kuye. Kodwa makhulu amathemba okuthi oKeagan Dolly, Njabulo Ngcobo nabanye abasha bazokwenza kangcono. Lapha sibabheka ngamunye ukuthi baluhlobo luni lomdlali:

Njabulo Ngcobo

Igama lesidlaliso: Roadblock

Indawo adlala kuyo: Emuva maphakathi nenkundla

Unyawo alusebenzisayo: Olwesokudla

Iminyaka: 28

Iqembu asuka kulo: Swallows

Ubeyisitobha esidlale kahle kunazo zonke ngesizini edlule. Kukhona nabathi ukuba nesitobha esikhaliphe njengaye sakugcina ngoMbulelo Mabizela kudala. Uyakhululeka futhi muhle ekufundeni umdlalo kanti nobude bakhe buyamsiza emabholeni agitshiwe.

Kgaogelo Sekgota

Igama lesidlaliso: Kigi

Indawo adlala kuyo: Esiswini ophondeni

Unyawo alusebenzisayo: Olwesokunxele

Iminyaka: 24

Iqembu asuka kulo: Swallows

USekgota unejubane elihle kanti nendoda uyayishiya ibheke phezulu uma imbhayizelile. Lokhu kwenza avulele ozakwabo izikhala zokuba bagedhe kahle.

Kodwa ubuye asheshe kakhulu agcine esebashiya ngemuva ozakwabo. Kodwa ukugoba kwakhe amabhola amahle kuzobasiza oSamir Nurkovic noLeonardo Castro abadlayo ngekhanda.

Sifiso Hlanti

Igama lesidlaliso: Choppa

Indawo adlala kuyo: Emuva ophondweni lwesokunxele

Unyawo alusebenzisayo: Olwesokunxele

Iminyaka: 31

Iqembu asuka kulo: Swallows

Uwenza kahle umsebenzi wokuvimba emuva, kanti uma enyuka uba wusizo ekuhlaseleni. Unekhono lokugoba amahle amabhola amade okuyinto abazodla kakhulu ngayo oNurkovic noCastro.

Phathutshedzo Nange

Igama lesidlaliso: Phathu

Indawo adlala kuyo: Esiswini maphakathi nenkundla

Unyawo alusebenzisayo: Olwesokudla

Iminyaka: 29

Iqembu asuka kulo: Stellenbosch FC

Cishe nguyena okungashiwo lutho olutheni ngaye kusukela iChiefs imsayinile. Kodwa lokho akusho ukuthi akabalulekile noka akekho ezingeni elifanele.

UNange udlala ngesinono esiswini kanti uyakwazi nokunyuka ayoshaya igoli uma isimo noma ithuba kumvumela. Engasivala kalula isikhala sikaWillard Katsande uma enganikwa ithuba.

Sibusiso Mabiliso

Igama lesidlaliso: Asilazi

Indawo adlala kuyo: Emuva ophondweni lwesokunxele

Unyawo alusebenzisayo: Olwesokunxele

Iminyaka: 22

Iqembu asuka kulo: AmaZulu FC

Usemncane kanti indlela adlala ngayo izoletha okuhlukile kwiChiefs. Unejubane nomdlandla wokwehla enyuka ophondweni lwesinxele. Uthanda ukudlala umdlalo wokuphaselana kuze kusondelwe ebhokisini lezitha.

Kodwa uma iChiefs izoqhubeka nokusebenzisa iqhinga lamabhola amade athunyelwa ebhokisini njengoba bekwenzeka kwiChampions League, angase axakeke.

Thabani Dube

Igama lesidlaliso: Asilazi

Indawo adlala kuyo: Emuva maphakathi nenkundla

Unyawo alusebenzisayo: Olwesokunxele

Iminyaka: 28

Iqembu asuka kulo: Richards Bay

UDube ufika nento iChiefs ebingenayo isikhathi eside – umdlali wasemuva maphakathi nenkundla oyinxele. Ukuba nomdlali onjena kwenza kube lula ukuqala umdlalo emuva kunokuthumela amabhola phambili zisuka nje.

Okuhle ngaye akatatazeli uma ephethe ibhola kanti uyanyuka ayosiza phamabili uma kushaywa amakhona noma ama-free kick ahlaselayo.

Brandon Peterson

Igama lesidlaliso: Asilazi

Indawo adlala kuyo: Ezintini

Unyawo alusebenzisayo: Olwesokudla

Iminyaka: 26

Iqembu asuka kulo: Bidvest Wits

UPeterson ubengadlali isizini yonke edlule kodwa ubeziqeqesha neChiefs ngakho ufana nomdlali omdlala khona. Cishe usejwayele indlela okwenziwa ngayo nokuzokwenza ukuthi uma edingeka angaxakeki.

Cole Alexander

Igama lesidlaliso: Asilazi

Indawo adlala kuyo: Esiswini maphakathi nenkundla

Unyawo alusebenzisayo: Olwesokudla

Iminyaka: 32

Iqembu asuka kulo: Odisha FC

Waphekwa esikhungweni esihlonishwayo se-Ajax Cape Town kanti usenenqwaba yesipiliyoni kwazise usedlale emaqenjini amaningi ehlukene.

Kubo bonke abadlali abasha, nguyena okucishe kube nesiqiniseko ukuthi uzoba khona eqenjini elizoqala umdlalo wokuqala weChiefs uma seyibhekene neMamelodi Sundowns kwiMTN8.

Lokhu kungenxa yokuthi usesebenze noStuart Baxter isikhathi eside kusukela kwiSuperSport United, Bafana Bafana nakwi-Odisha. Muhle ekukhaveni abadlali basemuva abavikele uma behlaselwa, kanti noa sekuyiwa phambili uyashesha kanti negoli uyalazi.

FUNDA NALA: IPirates isikaza ukubuyisa unombolo 10 obengasetshenziswa ukuhlonipha uJomo Sono
Keagan Dolly

Igama lesidlaliso: Asilazi

Indawo adlala kuyo: Esiswini ezimpondweni noma maphakathi nenkundla ehlasela

Unyawo alusebenzisayo: Olwesinxele

Iminyaka: 28

Iqembu asuka kulo: Montpeiler

UDolly nguyena mdlali omkhulukazi iChiefs emsayinile kulokhu. Lukhulu ke olubhekwe kuye kanti nekhono lakhe cishe bambalwa abangathi bayalingabaza.

Into amuhle ngayo kakhulu uDolly ukuzimisela kwakhe nokuhlale efuna ukuwina. Uzovala indawo esinesikhathi ingenamuntu kwiChiefs kunombolo 10, futhi usevele uzogqoka nale nombolo okusho khona ukuthi uyisethenjwa.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.