IChiefs ibeke u-R16-million ukubuyisa owakuleli phesheya, ingase ishwebe

IChiefs ibeke u-R16-million ukubuyisa owakuleli phesheya, ingase ishwebe
OkaDonga Gumbi

Ingase ishwebe iKaizer Chiefs yize seyibeke imali engaphezu kuka-R16-million etafuleni izama ukunxena iqembu lasePoland ukuba lidedela umdlali wakuleli ogijima kulo.

Nokho sekuvele ukuthi ingase ishwebe iChiefs kule mizamo yayo yokuthola uThabo Cele kwiRadomiak Radom njengoba isafuna ukumgcina.

Enkulumweni efakwe kwiTwitter, uPrince Sobayeni uxoxe nambize ngomthombo wakhe osondelene noCele oveze ukuthi akulula lo mdlali abuye kuleli okwamanje.

IChiefs ayiqali ukukhombisa intshisekelo ngalo mdlali oneminyaka engu-25 odabuka KwaMashu odlala esiswini maphakathi nenkundla.

“Isimo njengamanje wukuthi iChiefs ifake isicelo sokuthola lo mdlali sama-Euro ayikhulu (R16.5-million),” kusho lo mthombo engxoxweni eqoshiwe.

“Kodwa iRadomiak ifuna ahlale. Nomqeqeshi ufuna ahlale. Ngemuva kokushintshwa komqeqeshi, ube ngomunye wabadlali abawumgogodla weqembu.

“Ube nemidlalo emihle ngasekupheleni kwesizini. Umqeqeshi omusha uthe akafuni ukufica engasekho kuleli qembu ngoba ungumdlali omqoka.” 

FUNDA NALA: Ummeli useveze ukuthi unobufakazi bokuthi uSenzo Meyiwa wabulawa uKelly Khumalo

Uqhubekile waveza ukuthi ngokubona kwawo lo mdlali uzoqoka ukuhlala khona ePoland ngoba lokho kumbeka emehlweni amaqembu asemazweni amakhulu e-Europe.

“Uma ngiziqagelela nje ngingathi uzohlala kwiRadomiak. Angazi ke kodwa noma ufuna ukuqhubeka adlale e-Europe noma uzofuna ukubuyela ekhaya aye kwiChiefs.

“MIna ngicabanga ukuthi uzohlala ngoba usengumdlali omqoka eqenjini. Ngiyazi kuke kwanesikhathi la ebengeneme khona ngoba ebengadlali njalo. Kodwa manje lokho sekujikile.” 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.