IChiefs ibuyele endaweni yesibili ishaya iSekhukhune

IChiefs ibuyele endaweni yesibili ishaya iSekhukhune
UNjabulo Blom noNkosingiphile Ngcobo
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ikhombise ukuzimisela okuhel iKaizer Chiefs ishaya iSekhukhune United ngo 2-0 emdlaweni weDStv Premiership eFNB Stadium ngeSonto ntambama.

Amakhosi abedlala okokuqala kusukela ngoNovemba 28 njengoba abenenkinga yokungabi nabadlali abenele ngenxa yokuhlaselwa yiCovid-19.

Lokhu kwenze yahluleka ukudlala imidlalo emibili la bekumele ibhekane khona neCape Town City neGolden Arrows.

IChiefs iqale ngeqembu elihlukile kakhulu njengoba u-Arthur Zwane obebambe njengomqeqeshi efake abafana abasebancane.

Nokho basheshe bajwayela futhi babukeka bengenayo inkinga nokungahlangani kahle obekulindelekile kwazise kade bagcina ukudlala.

Njengoba iSekhukhune beyifase ngoWillard Katsande esiswini, bekulindeleke kube yiyo ephethe umdlalo esiswini kodwa akuba njalo.

Empeleni umdlalo bewuphethwe yiChiefs ebibophele uNjabulo Blom, Benard Parker noDaniel Cardoso esiswini maphakathi nenkundla.

IChiefs yiyo ebibukeka iyingozi uma iya phambili yize amathuba abengemaningi kangako.

FUNDA NALA: Uvalelwe ngaphandle kwasuka isixakaxaka uSukazi e-Orlando

Igoli ilithole ngomzuzu ka-25 lishaywa uNkosingiphile Ngcobo othoel ibhola engaphandle kancane kwebhokisi qede wadedela intululwane, lamudla uToaster Nsabata.

Nasesiwombeni sesibili bekuyiChiefs eyenza kangcono njengoba beyihlasela futhi ithola amabhola abekwa phansi amaningi.

Nokho ayiwasebenzisanga ngendlela efanele njengoba beyidlala ngawo obekunika iSekhukhune ithemba lokuthi isangabuya.

Nokho kuthe sekusele imizuzu emine umdlalo uphele, uPhathutshedzo Nange – obesanda kungena esuka ebhentshini –  walibasela enethini igoli lesibili.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.