IChiefs icabanga ubolekisa uMashiane, ifuna uMaart

IChiefs icabanga ubolekisa uMashiane, ifuna uMaart
UHappy Mashiane
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IKaizer Chiefs kuthiwa isemizameni yokutholela uHappy Mashiane iqembu lapho ezothola khona ukudlala njalo.

UMashiane ubengomunye wabadlali abakhombisa ukuthi bazogcina bevelele kuleli qembu laseNaturena ngesizini edlule ngaphansi kukaGavin Hunt.

Kodwa selokhu ahamba uHunt, uMashiane akasalazi nhlobo ijezi ngaphansi kukaStuart Baxter.

Nokho kuyaqondakala lokho uma ubheka ukuthi sekukhona uKeagan Dolly ababanga naye indawo.

Ngaphezu kukaDolly kusekhona noKgaogelo Sekgota osalinde elakhe naye ithuba uma kwenzeka kuphunyuzwa uDolly.

“Yingakho ke sebebone kungcono ake abolekiswe ukuze aqoqe isipiliyoni abuye esezokwazi ukulwela ijezi.

“Akhona amaqembu abaxoxisana nawo futhi nomdlali uyaziswa ukuze kube yiqembu naye azokhuthala ukuya kulo,” kusho umthombo.

Sekuke kwabikwa phambilini ukuthi iChiefs icathamela uYusuf Maart weSekhukhune United ukuqinisa ngaye iqembu.

Impempe seyithole ukuthi kungenzeka iChiefs inunusele iSekhukhune ngoMashiane ukuze idedele uMaart ngoJanuwari.

FUNDA NALA: Kuboshwe owayedlalela iPirates esolwa ngokuduna izimoto nokugqekeza

“Ngicabanga ukuthi yinto engenzeka leyo ngoba bangabadlali abacishe bafane kuwukuthi uMaart usenamava angconywana.

“NoMashiane kungabe useqenjini elikahle kwiSekhukhune ngoba ingcindezi ayiningi kakhulu,” kusho umthombo.

UMaart ukhuliswe yi-Orlando Pirates esikhungweni sayo kodwa kwathi uma sekumele enyuselwe eqenjini elikhulu wafika wangalithola ijezi.

Wagcina ededeliwe wahamba wayodlala eqenjini laseBotswana lapho iSekhukhune imlande khona.

Ufike wadlala ibhola elihle futhi kumanje ungomunye babadlali umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos angakhela phezu kwabo iqembu lakhe.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *