IChiefs ichitha eyokudayiswa kweqembu

UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

IKaizer Chiefs seyigcine ihlulekile wukuziba amahlebezi abesesabalele ezinkundleni zokuxhumana athi leli qembu lizodayiswa maduze. Lo mbiko ushoicilelwe kwelinye lamakhasi asolisayo kwiFacebook ngempelasonto.

Lo mbiko uthi Amakhosi azodayiselwa inkampani kawoyela enkulu yaseSaudi Arabia ngesamba sikaR512-million. Abaningi bebevele beyishayela amakhala le ndaba yaleli khasi. Kodwa abanye bakubona kuyinto engenzeka ngampela.

Leli khasi lidalule ukuthi izinkinga zezimali ziyaqonga kwabakwaMotaung okuyikho okubenze bavula izandla uma kuvela le nkampani ithi izobaphumuza. Kuthiwe le nkampani izosiza iChiefs ikwazi ukuncintisana neMamelodi Sundowns ngokusayina abadlali abasezingeni bese ibakhokhela ima eshisiwe.

Iveze nokuthi ukusha kwemithombo yemali kuMakhosi ngenxa yokushiya kwabaxhasi bakwaHollard nokuthi uVodacom noToyota nabo bahlongoza ukulidicila leli qembu, yikho okufake abakwaMotaung itwetwe.

Nokho iChiefs isikuchithile lokhu yathi kungamampunge. “Izindaba ezingamampunge! Iqembu alidayisi! Sicela niqaphele lezi zindaba ezingamampunge esezisabalele ezinkundleni zokuxhumana. Sicela nilandele izinkundla zokuxhumana zeqembu ukuze nithole izindaba eziyiqiniso. Ningasithumelela nemibuzo nge-email ukuqinisekisa izindaba nathi,” sifundeka kanje isitatimende seChiefs ngalokhu.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.