IChiefs idlule kwiCity sekuvalwe amehlo eKapa

Sihle Ndlovu

Cape Town City (0) 1

Kaizer Chiefs (2) 2

IKaizer Chiefs iphunyuke kanzima kwiCape Town City iqoqa amaphuzu aphelele emdlalweni weDStv Premiership, eCape Town Stadium, ngoMgqibelo.

Amakhosi abezibeke ebuhleni ngokushaya amagoli amabili asheshayo ngesiwombe sokuqala kodwa avumela iThe Citizens ukuthi ibuye ngamandla ngesiwombe sesibili.

Umdlalo uqale kuyiChiefs ebibukeka idlala ngokuzethemba iwina namabhola esiswini. Bekudlala kahle uKearyn Baccus noNKosingiphile Ngcobo. Akumangazanga ngesikhathi uNgcobo eshaya igoli ngomzuzu wesikhombisa, ahamba phambili Amakhosi.

IChiefs iqhubekile nokudlala kahle kucaca ukuthi iyingozi uma isondela emapalini eCity. Ngomzuzu ka-19 uSamir Nurkovic ushaye iphasi yomhlaba ethole uHappy Mashiane eyedwa walibeka phakathi kwaba ngu 2-0.

ICity izamile ukuziqoqa, isidlala ibhola elihle kodwa uDaniel Akpeyi wangavuma emapalini eChiefs. Umdlalo uye ekhefini kungu 2-0.

Ngesiwombe sesibili iCity ibisihlasela kakhulu kodwa lwakhombisa ukuqina udonga lweChiefs kwaze kwaba umdlalo uya ngasemizuzwini yokugcina. IChiefs iyona ebisiphunga iCity kakhulu kucaca ukuthi abadlali basemuva banenkulu ingcindezi.

Igoli lokubika ekhaya leCity lishaywe uFagrie Lakay ngomzuzu ka-83. Ngemuva kwalokho bese kuvalwa amehlo kwiChiefs ifika qathatha iCity ifuna igoli lokulinganisa. Kuze kwalamula yona impempe kanondweba umdlalo waphela ngo 2-1.

Bese kungokwesibili kulandelana iChiefs iwina, kanti ukuwina kwayo kuyinyusele endaweni yesishiyagalombili. Emdlalweni olandelayo iChiefs izobhakana neTshakhuma FC eFNB Stadium, ngoLwesibili ngo-5 ntambama. Kungalindeleka ukuthi ithole amaphuzu amathathu kulo mdlalo kwazise leli qembu liwukudla kwenduku kulezi zinsuku.

Imiphumela yeDStv Premiership:

SuperSport United 0-0 Mamelodi Sundowns
Lamontville Golden Arrows 1-0 Tshakhuma FC
Bloemfontein Celtic 1-1 Stellenbosch FC
TS Galaxy 0-1 Chippa United
Baroka FC 0-1 Moroka Swallows
Cape Town City 1-2 Kaizer Chiefs