IChiefs idudulele iSwallows ezembeni, yangena embangweni wesicoco

IChiefs idudulele iSwallows ezembeni, yangena embangweni wesicoco
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter  

IKaizer Chiefs seyisembangweni wesicoco kwiDStv Premiership njengoba seyinonkele yaze yafika endaweni yesibili.

Lokhu kwenzeke ngeSonto ngesikhathi ibhubhudla iSwallows ngo 3-1 emdlaweni obuseDobsonville Stadium.

IChiefs seyisalele emuva ngamaphuzu ayisishiyagalombili kwiSundowns kanti seyizoyigada ukuthi uma iqhuzuka iyifakele ingcindezi.

ISwallows yona seyisemsileni kwilogi yePremiership njengoba isenamaphuzu ayisishiyagalombili ngemuva kwemidlalo engu-12.

Ngasekuqaleni komdlalo bezilingana ingekho elawula lo mdlalo. Futhi kuke kwaba nezikhawu la iSwallows beyikhomba ukuba yingozi uma iya phambili.

NeChiefs ibinazo iziqubu zayo kodwa bekubonakala ukuthi iqembu ilishintshe kakhulu.

ISwallows ikwazile ukubamba uKeagan Dolly okunguye owenza iChiefs idlale kahle akhe namathuba amagoli.

Kodwa igcine imkhohliwe ngasekupheleni kwesiwombe kwabe seyiwangenisile amanzi endlini.

UDolly ushaye igoli lokuqala sekusele ngaphansi kwemizuzu emihlanu kuyiwe ekhefini ngemuva kokudabula udonga lwasemuva kalula.

Kuthe kusenjalo, wabuya futhi lo mdlali kusaphele umzuzu eshaye igoli, kulokhu wabekela uKhama Billiat elihle ibhola.

Akabange esacucuza walibeka enethini wagcina ngokulikhomba uJody February.

Zithe zibuya ekhefini iChiefs yaqhubeka la beyigcine khona njengoba kuthe ngomzuzu ka-53 wakuphinda lokho uBiliat ngegoli lakhe lesibili elenze kwaba u 3-0.

ULebogang Mokoena uzamile ukubuyisela leli qembu emdlalweni – washaya igoli ngomzuzu ka-64.

Ngemuva kwalokho uqhubekile ezama kodwa kwasho khona ukuthi baphaphame amanzi esevele egcwele indlu.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *