IChiefs ifake uZuma ohlelweni lokumsiza ayeke amavovo

iChiefs ifake uZuma ohlelweni lokumsiza ayeke amavovo
UDumisani Zuma
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UDumisani Zuma uzohambela uhlelo lokusizwa ukuba ayeke ukweqisa ohuzweni oludakayo.  

Lokhu kube yingxenye yesigwebo sakhe asinikwe yiKaizer Chiefs kuleli viki kulandela isigungu esiqondisa izigwegwe.  

UZuma watholakala eshayela sekudlule isikhathi sokuthi ngabe usemgwaqeni kwathi uma amaphoyisa mevimba athola nokuthi ubuhlabile.  

Wabe eseboshwa kwathi iChiefs yammisa ekusondeleni eqenjini yathi uzoqale abizelwe esigungwini esiqondisa izigwegwe. 

IChiefs ithe uZuma ngeke azihlanganise neqembu kodwa ayangakuveza ukuthi lokhu kuzoba yisikhathi esingakanani.  

Uzophinde alindeleke ukuthi ahambele isikhungo esisiza ukuyekisa ukuphuza kulabo asebehlulwa wukulawula ukuphuza kwabo.

“Isigungu sokuqondisa izigwegwe mayelana nomdlali wasesiswini weKaizer Chiefs uDumisani Zuma sihlalile.

“Bekuqokwe usihlalo ozimele (ongasondelene neqembu noma noZuma) ukuba ahole lesi sigungu.  

“Kunconywe ukuba uZuma ahlawuliswe ngokulandela imigomo yeqembu yokuziphatha kwabasebenzi balo.

“Ngeke azihlamnganise neqembu bese aphinde ae esikhungweni esisiza abantu asebehlulwa wuphuzo pludakayo,” besifundeka kanje isitatimene seChiefs.

FUNDA NALA: UMama Joy ulaxaze iPirates wajoyina iRoyal AM

Impempe  ike yabika phambilini ukuthi uZuma angase azithole esekhonjwe avela ngayo eNaturena kwazise ubengaqali ukutholakala esimweni sokudakwa.  

Nangesizini edlule waxolelwa kulandela izigemegeme abezenza ngokududana noSiphelele Ntshangase.

Kuthiwa babebuhlaba kuze kuse bese behluleka wukufika ngesikhathi ejimini yeqembu.

UNtshangase wagcina exoshiwe kwase kuthi uZuma yena waxwayiswa ukuthi akapheze le mikhuba emibi.

Akucaci ukuthi inkontileka yakhe isazovuselelwa njengoba iphela ekupheleni kwale sizini ngenxa yalokhu kuziphatha kwakhe okungekuhle.

Ungena kule nkinga nje uZuma ubesanda kubuyela ekuziqeqesheni neqembu kulandela ukwelulama ekulimaleni.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.