IChiefs ifike kanjani kowamanqamu, sikukhumbuza izihibe edlule kuzo

IChiefs ifike kanjani kowamanqamu, siyakukhumbuza izihibe edlule kuzo
UMulomowandau Mathoho
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

‘Hhayi sebefike ekugcineni manje.’ Uma ungathi iKaizer Chiefs ayibale ukuthi yawezwa kangaki lamazwi njengoba beyilokhu inonkela kwiCAF Champions League ingadinga imizuzu engaphezu kwale engu-90 esisele ngaphambi kokuthi ibe ngompetha.

Lezi zinkunzi zaseNaturena zimangaze abaningi zilokhu zidlula nje zicusha emidlalweni enzima zaze zafiak kowamanqamu. IChiefs izobhekana ne-Al Ahly yase-Egypt kowamanqamu eMorocco ngoMgqibelo ebusuku.

Beyilokhu icusha nje kulezi zihibe ebezibekwe endleleni yayo yaze yafika la eseyikhona manje njengoba sesyisalelwe esokugcina esinzima cishe kunazo zonke.

Lapha sibheka imidlalo iChiefs eyiwinile noma edlale ngokulingana kuyo nokuyiyo eyifikise la seyikhona:

Ephreli 3: Kaizer Chiefs 1 Wydad 0

Abanye bazothi lo mphumela yawuphiwa iChiefs kwazise iWydad yathumela iqembu elingaqinile futhi nomqeqeshi akangeza kuleli. Yayivele iWydad isiwenzile umsebenzi njengoba yawina ngo 4-0 emlenzeni wokuqala.

Yayingasenendaba nokwenzeka eFNB Stadium. Akubanga wumdlalo olula kwiChiefs futhi kwasiza igoli likaBernard Parker alishaya kusanda kubuywa ekhefini. Yavika ivikile iWydad isibuya ngamandla ngasekupheleni komdlalo.

Ephreli 10: Horoya 2 Kaizer Chiefs 2

IChiefs yayidinga ukudlala ngokulingana kulo mdlalo wayo wokugcina esigabeni samaqoqo ukuze idlulele phambili. Kodwa kwakudingeka kube namagoli uma idlala ngokulingana.

Lokhu kwakusho ukuthi uma yehluleka wukuwina, kumele idlale ngokulingana kodwa kube namagoli amabili kuya phezulu. Omunye umphumela wawuzosho ukuthi uhambo ufike ekugcineni.

Izinto zabukeka ziza kabi ngesikhathi, sekusesikhathini esengezwe wunompempe esiwombeni sokuqala, uYakhouba Barry abhakuzisa inethi, yahamba phambili iHoroya.

Amakhosi asebenza aze anikwa iphenathi ngomzuzu ka-67, uDaniel Cardoso wayibeka enethini. Kodwa emizuzwini emibili ukusuka lapho, kwabheda futhi. USekou Camara washaya elesibili leHoroya.

Kodwa ezaseNaturena zaphinde zabuye sekusele imizuzu engaphansi kancane kwengu-15 umdlalo uphele, uKhama Billiat washaya elokulinganisa. Saxaxama kanjalo ke isitimela saMakhosi saya esiteshini esilandelayo.

Meyi 15: Kaizer Chiefs 4 Simba SC 0

Leli qembu laseTanzania lalibonakala liza kahle kulo mqhidelwano. Futhi njengoba lalishaye i-Al Ahly esigabeni samaqoqo ukuze liqede phezulu eqoqweni labo, lalibonakala liyingozi impela.

IChiefs yayibonakala ilula kulo kodwa LUTHO! Amakhosi avuka indlobane alibukisa ibhayisikobhola yamahhala leli qembu ilishaya ngo 4-0. Amagoli aqala zisuka nje ngesikhathi uMulomowandau Mathoho engqofela phakathi igoli ngomzuzu wesine umdlalo uqalile.

USamir Nurkovic washaya elesibili ngomzuzu ka-34. Lo mgadli odabuka eSerbia waphinda elinye ngomzuzu ka-57, kwase kuthi uLeonardo Castro washayela isipikili sokugcina ngomzuzu ka-63. IChiefs yadilwa ngo 3-0 emlenzeni wezibili ekuhambeni kodwa yadlulela phambili.

FUNDA NALA: UMicho usexoshiwe kwiZambia
Juni 19: Wydad 0 Kaizer Chiefs 1

Lapha kwakubhekwe iphinde izidlulele ngehubo iWydad. Kodwa kubanga njalo. IChiefs yenza akwangadlaleka ngendlela elalifisa ngayo leli qembu laseMorocco cishe umdlalo waphela selifisa.

Amakhosi adlula ePark Station eGoli aboleka isitimela avele asipaka phambi kwepali lawo, qede athumela uSamir Nurkovic ukuba ayozuma athole igoli elilodwa.

Wakwenza ngempela lokho ngomzuzu ka-34, yazama yaze yacishe yahlanza udenda iWydad ukubuya ngemuva kwalokho kodwa yehluleka ukugudluza isitimela phambi kwepali likaBruce Bvuma. Umdlalo womlenze wesibili kwaba ngesifanayo. wagcina uphele ngo 0-0, yadlula kanjalo ke iMpofana ibheke kowamanqamu.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.